INTOKAZI ezakhele igama ekulingiseni indawo ephambili emidlalweni ephekwe kuleli u-Enhle-Mbali Mlotshwa, ujatshulelwe ababukeli kulandela ukukhonjiswa kwesiqephu sokuqala somdlalo adlala kuwo indawo ephambili kaDudu kwiHow to Manifest a man.
Lo mdlalo uzothandwa ikakhulukazi abesifazane. U-Enhle-Mbali useke wabonakala emidlalweni efana neTshisa, Blood Psalms, A Safe Bet), kanti kusanda kuvela izindaba zokuthi uzolingisa phambili kufilimu yeNetflix ethi Homewrecker.
I-How to Manifest a man iqale ngoLwesine esiteshini 1Magic (103) ngo-8.30 ebusuku. Lo mdlalo, ogabe nangabanye abalingisi abanamava, ukhuluma ngezinto abantu ababhekana nazo uma ebudlelwaneni bezothando. Okubhekana noDudu kuzoshiya ababukeli bebambe ongezansi.
UDudu ungowesifazane ongajabule emshadweni wakhe nosekhetha ukuthi azithathele izinqumo ezizojabulisa yena, futhi azibeke kuqala, kodwa ukugula komyeni wakhe kushintsha impilo yakhe.
Echaza ngalo mdlalo uShirley Adonisi wakaM-Net, uveze ukuthi kuyabajabulisa ukuphinde babe nomdlalo wakuleli oqondene nalesi siteshi.
“Umdlalo lo ongajwayelekile nesingakaze siwubone kuleli. UDudu ngenxa yokungabi nenjabulo ukhetha ukuthi azenzele umyeni wakhe ngendlela afuna abe iyona. Ukwenza lokhu ngemuva kokuthi umyeni wakhe uSimphiwe (Mnqobi Kunene), elahlekelwe wumqondo futhi uma usubuya kukhona izinto angasazikhumbuli. Angakwazi uDudu wukuthi ukugula komyeni wakhe kudale izinto angazazi empilweni yomyeni wakhe futhi kumele asebenze kanzima ukugcina lona wesilisa asezenzele yena,” kuchaza uShirley.
Uthe lo mdlalo akangabazi ukuthi abantu bazowujabulela njengoba uxube izilimi zakuleli.
“Uzothinta kakhulu emkhakheni wezothando nokuyila abantu abaningi bethe njo khona. Lona wesifazane uzobonisa ukuthi abantu kuningi abangakwenza okungabafaka engozini ngenxa nje yokuzifunela ophathina abayilento abayifunayo,” kuchaza yena.
Ababukeli abaningi emva kokubuka isiqephu sokuqala bakhombise ukuwujabulela, kubekhona nabathe bathande namahlaya aqhululwa kulo mdlalo, futhi sebelinde ukubona iziqephu ezilandelayo.
I-How to Manifest a Man ikhiqhizwe iBarkers Media. Abanye abalingisi abazobonakala kuwo kubalwa uSam Jnr Ngonyama (Lebo Msiza), Gaisang Noge (Ntombi), Lucia Mthiyane (Felicia), Peter Sephuma (Sam Snr Ngonyama), Nomcebo Gumede (Zama).
Ubuso obusha nobuzobe buqala ukugqama kulo mdlalo kubalwa obukaKabelo Mashika (Bafana) no-Aluve Mjali ozobe elingisa indawo yomphenyi uSipho Ndlovu.