KULINDELEKE ukuthi aqale ukubonakala namhlanje kwiMbewu umlingisi uPhuthi Khomo oseyijoyinile.
Lo mlingisi, ozakhele udumo ngokudla isicoco sikaMiss Teen South Africa ngo-2002, uzoqala ukubonakala kusihlwa emdlalweni okhonjiswa kwi-e.tv ngo-9 ebusuku phakathi nesonto.
Uzolingisa indawo kaJosina, oyingoduso kaNgcolosi (Tony Kgoroge) yaseMozambique.
“UJosina ungowesifazane omuhle waseMozambique, ofika kwaBhengu elindele ukuthi uzohlala khona abambe iqhaza lokuba wumama wekhaya,” kusho owezokuxhumana kwi-e.tv, uThapelo Ramatsui esitatimendeni.
“Laba bobabili bahlangana ezinyangeni eziyisithupha ezedlule bathandana. Sithola ukuthi (uNgcolosi) wamtshela ukuthi akeze azohlala naye ngoba umshado wakhe noMaZulu (Leleti Khumalo) waphela kudala.”
Kuthiwa uJosina uzothukuthela agane unwabu, uma ethola ukuthi uNgcolosi akalikhulumanga iqiniso kuye, kunalokho umsebenzisele ukuzwisa uMaZulu ubuhlungu.
“Akafani kodwa nalaba besifazane aphingele nabo uMaZulu ngokudlule. Uyamthanda okwenza uMaZulu akholwe wukuthi umshado wakhe noNgcolosi uphelile. UJosina uyahamba ngemuva kokukubeka kucace ukuthi akayena umuntu obhidliza imizi okukhombisa uNgcolosi ukuthi ngeke asetshenziswe.”
UPhuti akaqali ukulingisa njengoba eke wadlala indawo kaCarol Chabeli kwiMuvhango.
Kwenzeka lokhu nje, umdlalo ongena ngemuva kweMbewu, iThe Black Door, usuhlabe ikhefu kuze kube wuJanuwari 9.
Lo mdlalo kaMandla N, isikhala sawo sizovalwa yiNhlawulo - Damages eyethulwa nguSiyabonga Mkhize. USiyabonga, ojwayele ukuba yisimenywa kwiThe Morning Show ekuseni phakathi nesonto kwi-e.tv, uyindodana kaVVO Mkhize futhi uyisazi sezinto ezithinta isintu.