OBENGUMSAKAZI woKhozi FM oshone ngenyanga edlule, u-Irvin Sihlophe, uzokhunjulwa ngedili lomculo bese inzuzo inikezwa umndeni wakhe, emcimbini ozoba ngakubo eMount Nebo Arena, eHarding, ngoDisemba 23.
USihlophe, oshone ngemuva kokungeniswa esibhedlela ehlaselwe yisifo sohlangothi, ubengomunye wamaciko abeba semjikelezweni iSiza Ngakini Tour, usihlalo wayo okunguLindelani Mkhize.
Umjikelezo uhlanganisa amaciko ahlukene aKwaZulu-Natal, ahambela izindawo ezahlukene zobumnandi. USihlophe wayeba ngomunye wabaphathi bohlelo khona.
Kulokhu iSiza Ngakini ibizwa ange-All White, okuzohlonishwa ngayo uSihlophe.
Omunye wabagqugquzeli uThokozani Zulu, uthe uSihlophe nguye owayehlele ukuthi umjikelezo uye eHarding ngesikhathi begcina ukuya khona.
“Sizama ukuthi sihloniphe iqhawe njengomuntu owasethula ebantwini baseHarding. Yingakubo futhi sazi iMount Nebo ngaye, yingakho sibuyela khona,” kusho uThokozani.
Uthe imali abazoyithola esangweni bazoyidlulisela emndenini kaSihlophe.
Ilungu lomndeni kaSihlophe, uNsindiso Sihlophe, lithe ngeke likwazi ukuphawula ngoba umndeni uzohlangana ngempelasonto.
Emcimbini kuzongenwa ngo-R100, R250 i-VIP kuthi i-VVIP ibe ngu-R350.
Phakathi kwabazobe benandisa kubalwa uBenzy, Dust, Sparks Bantwana, DJ Nzwiri, Calvinator, Ngqophamlando, Swazi M, DJ Masiya, Malini, Lano nabanye abaningi.