IZOBONAKALA emdlalweni Uzalo iveza amava ayo emkhakheni webhola inkakha yaKwaMashu, uSiyabonga Nomvethe.
Isolezwe liqale lathola ngemithombo yalo ehlukene ukuthi uNomvethe usenesikhathi eqopha kulo mdlalo nala ezolingisa khona umqeqeshi weqembu laKwaMashu.
“Yize kukhona abalingisi abaningi abasha abafikile kodwa Uzalo luyaqhubeka nokuletha abanye abasha njengoba uNomvethe kunesikhathi manje eqopha kulo mdlalo futhi uzobonakala maduze kuwo. Ngeke kube uyena kuphela ofikayo kodwa kuza noFanele Zulu oke wabonakala elingisa emdlalweni iDurban Gen nakuShaka Zulu kanjalo nasemdlalweni obukhuluma ngempilo kaMandoza kuBET,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uNomvethe uzogxila kakhulu kwezemidlalo kuphela kulo mdlalo akukho la ezobonakala khona ethintana nemindeni egqamile kuyona.
“Noma ngingazi ukuthi uzoqala ukubonakala nini futhi uzohlala isikhathi esingakanani, engikwaziyo akayona ingxenye yomdlalo ngokugcwele kodwa kuzoba ileso sikhashana nje kusabhekwe le ndawo yaleli qembu bese eyashiya,” kuchaza umthombo.
Umdidiyeli walo mdlalo, uKing David Mukwevho, ukuqinisekisile ukuthi uNomvethe uzubonakala kuwona.
“Siyajabula njengomdlalo ukunethulela uSiyabonga Nomvethe kulo mdlalo, noseyingxenye yawo manje nozoqhubeka nokuletha ithalente lakhe kuwo ukuya phambili. Uza kulo mdlalo nje, sisanda kwethula abalingisi abasha nabo iningi lababukeli elisabajabulela. Uzobe elingisa indawo yomqeqeshi weqembu lebhola laKwaMashu, iKwaMashu FC nala ezofika khona nolwazi lwakhe lwebhola njengoba sazi maningi amaqembu abonakale kuwo.
“Sesibheke ngabomvu ukumbona ukuthi uza nani futhi iliphi igalelo azolidlala eqenjini laKwaMashu. Okujabulisayo okunye ngaye ukuthi indawo yakhe izothatha lo mdlalo iwuse kolunye uhlangothi ukuya phambili nokuyothi uma esengekho kodwa kukhumbuleke ukuthi nguye owuyise umdlalo la ukhona manje,” kusho uMukwevho.