USEZEHLISILE kubalandeli umrepha wakuleli obeseqala ukuzakhela isigcwagcwa kubalandeli ngokulokhu efaka ama-video emidlalo yabadubulanayo ahambisana nenhlamba.
UNasty C ongomunye womrepha abahamba phambili kuleli naphesheya kwezilwandle, ukhethe ukwehlela ngezansi emuva kokubona izikhalo zabalandeli ngokufaka la ma-video emakhasini akhe.
Useziqophe i-video exolisa kubalandeli futhi eqinisekisa ukuthi ngeke esakwenza ngoba uyakuqonda ukuthi abantu bamazi ngomculo futhi bameseka ngemsebenzi yakhe ngawo. Ukushaya amakhala kwabalandeli ngokufaka ama-video abanengayo, uthe ukuthatha njengento ebalulekile futhi ngeke esakuxuba nomculo namakhasi akhe anabalandela umculo. Lokhu kuholele ekutheni amemezele amanye amakhasi aqondene ngqo nemidlalo kulabo abangathanda ukuwalandela ama-video akhe.
Abalandeli basishayele ihlombe isinqumo sakhe nokuzehlisa, alalele iningi labalandeli ngaphandle kokuzikhukhumeza aphikisane nabo. "
"Ubumnandi abukaze bashetshwa nebhizinisi," kusho uYourz Truly Hotkiller.
"Silapha ngenxa yomculo hhayi le midlalo," kusho uKirwin Darren Wilkison.
"Sibonge ngalokho. Ngithemba ukuthi le midlalo ayidli isikhathi esiningi sokwenza umculo omnandi," kusho Ivy Photo Vault.
"Yebo, abanye bathi abayithakaseli le midlalo, nale video nje ayijabulisi ngoba usendlini odlalela kuyo, hhayi eyomculo," kusho uFX Guava.
"Angifuni ukuyibeka kabi. Ngiyazi uyazifela ngemidlalo kodwa silapha ngomculo owenzayo," kusho u-Anesu Nyoni.