UMLINGISI osematheni kulezi zinsuku ongowokudabuka eMgungundlovu, uNkanyiso Mchunu, uthi indawo kaMkhululi, akade eyilingisa emdlalweni Umkhokha, yiyona ayithande kakhulu futhi ngeke kube lula ukuthi ayikhohlwe.
UNkanyiso ukhulume neSolezwe njengoba indawo yakhe ifinyelela emaphethelweni kulo mdlalo ngoLwesihlanu.
UMkhululi kulo mdlalo uzovele ashone nokungacaci ukuthi ubulawa yini.
UNkanyiso uthe mningi umsebenzi adlule kuwe ezilungiselela le ndawo ngesikhathi eqashwa kuyo.
“Ngiyathemba abantu bazomkhumbula uMkhululi, yize abantu bebengitshela ukuthi sebefisa ukuthi ashone ukuze baqhubeke nokujabulela lo mdlalo. Ukugxekwa futhi abantu bangakuthandi ngendawo oyilingisayo ubokwazi ukuthi leyo ndawo uyilingisa ngendlela okuyiyona. Nami ke ngikuthandile kakhulu ukuba kulo mdlalo futhi kungini engikufundile kuwo yize bengiwumlingisi,” kusho uNkanyiso.
Uthe ukuba yingxenye yawo akubanga lula njengoba kukuningi abekumele akubheke ukuze enze ubulungiswa kuwona.
“Ngibuke amafilimu afana noGame of Thrones neBlack Panther la kukhona abalingisi abathola ithuba lokuba abaholi kodwa badlale ngalo lelo thuba. Nami ke bekumele ngibhukule njengoba nasemdlalweni Imbewu ngathola indawo afana nse nalena. Bekumele ngenze okuhlukile, abantu bangaboni umuntu oyedwa kubalingisi ababili,” kuchaza uNkanyiso.
Yize bekukhona abebengayithanndisisi indawo abeyidlala kodwa bakhona nabebemthanda futhi bemncoma.
Uthe izincomo azithole kubantu bakuleli ngale ndawo uya kude nazo njengoba zizomsiza ohambweni lakhe njengomlingisi osemncane.
Le nsizwa eyafunda eDuma Ndlovu Academy, kulindeleke ukuthi ibe ngabanye babalingisi abahamba phambili emdlalweni iMy Brother’s Keeper.
Lo mdlalo ozoqala ngo-Okthoba 23, uzobe uvala isikhala somdlalo Igomora.
Ebuzwa ngendawo azoyilingisa, uNkanyiso uveze ukuthi abakavumeleki ukuthi bakhulume nabezindaba ngawo okwamanje.
Uthe ngenxa yokuthi kusekude ukuthi uqale abaphathi babatshele ukuthi bangaqale bathi vu ngezindawo zabo kuwo.