IKaizer Chiefs izongena enkundleni ibheke ukulungisa amaphutha ewenze emidlalweni yakamuva kwiBetway Premiership uma isibhekene neChippa United kowokusonga unyaka.
AmaKhosi azotholana phezulu neChilli Boys eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-5.45pm.
Lona kuzobe kuwumdlalo weChiefs wokuqala kwemithathu yasekhaya ekhethekile leli qembu laseSoweto elizoyidlalela eThekwini.
EzikaNasreddine Nabi azikakawubambi umgqigqo selokhu kuqale isizini ka-2024/25. Zagcina ukunqoba imidlalo emibili ilandelana ngesikhathi kuqala isizini lapho zaqumba phansi khona iMarumo Gallants naMaZulu FC.
Zihlulekile ukubuya namaphuzu aphelele emidlalweni yakamuva yeligi njengoba zibambane neRoyal AM ngo 2-2, zaguqiswa yiPolokwane City ngo 2-0, zaphinde zadlala ngokulingana ngo 1-1 neTS Galaxy.
Le miphumela egungingqigongqo iholele ekutheni zidle uKhisimusi zisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
IChilli Boys nayo izobe ihlose ukuvuka izithathe kulandela ukushaywa yiCape Town City ngo 1-0 kowakamuva weligi. Isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-10.
Womabili la maqembu anenselelo yokuqoqa amaphuzu amathathu eMabhida ukuze ezobuyisa ithemba lokuthi azobuya ngegiya eliphezulu onyakeni omusha kubalandeli bawo.
Ngesizini edlule ngesikhathi iChiefs ibhekene neChippa kuyona le nkundla, umdlalo waphela ngo 1-1. Ngesikhathi egcina ukubhekana eBuffalo City Stadium ngo-Ephreli nonyaka, kunqobe iChippa ngo 2-0.
IChiefs ibukeka ingenazo kangako izinkinga phambili njengoba isikwazile ukuhlohla amagoli angu-13 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Nokho, okwenza leli qembu lizithole selilahlekelwa amaphuzu wukuthi liphinde ladedela amagoli angu-13 kule midlalo. IMarumo Gallants, esingenelwe amagoli angu-20, yilona kuphela iqembu kule ligi elivuza emuva ngaphezu kwaMakhosi.
Selokhu iqalile iBetway Premiership, ezasePhefeni azikaze ziphume enkundleni zingalicoshanga enethini ibhola. Lokhu kuyinselelo kuNabi nethimba lakhe okuzomele bayitholele isisombululo ukuze zisuke endaweni ezikuyona kwi-log.