UMREPHA osengumethuli wezinhlelo, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, ugcine ehlele ngezansi wakhipha incwadi yokuxolisa eyibhekise kumama wengane yakhe, uKelly Khumalo.
Lokhu kulandela imibiko yokuthi abaphathi bakhe esiteshini sezinhlelo zethelevishini, iMoja Love, bemnqumele ugwayi katiki bathi akaxolise kuKelly uma kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya.
UJub Jub uxolisela inkulumo yakhe ayenza ngoDisemba ohlelweni lukaMac G, iPodcast and Chill with MacG, lapho aveza khona ukuthi uKelly usebenzisa amakhathakhatha.
“Thina sonke esijola noKelly siyafa. Sonke siyafa noma kwenzeke okunye...wonke umuntu uyazi ukuthi uKelly usebenzisa umuthi.”
Kule ncwadi uJub Jub uthi uyaxolisa kuKelly ngabo bonke ubuhlungu amzwise bona ngengxoxo yakhe ayenza noMac G, nakho konke okunye okuke kwakhulumeka esidlangalaleni. Uthi kwakungesona isifiso sakhe ukuthi izinto zihambe zize zifike kulesi sigaba phakathi kwabo bobabili.
— Jub Jub (@official_jubjub) February 10, 2022
Kule ngxoxo uJub Jub akagcinanga ngokukhuluma kabi ngomama wengane yakhe kuphela kodwa waphatha negama lika-Amanda du Pont nokuyinto eyamdalela amazinyo abushelelezi kule ntokazi nezinye kuleli. U-Amanda wafaka ivideo ezinkundleni zokuxhumana eveza usizi lwakhe ngokuthi uJub Jub wayemhlukumeza.
Kwasuka omkhulu umsindo ngalokhu, kwavela nabanye abantu besifazane abathi nabo bahlukumezeka ezandleni zalo mrepha. UJub Jub wagcina ekhiphe incwadi yokuxolisa ku-Amanda.
#JubJub pic.twitter.com/SN3KkQ5Zmg
— Jub Jub (@official_jubjub) December 6, 2021