UMZWILILI uNaima Kay useyadlondlobala kulo mkhakha njengoba engasagcini ngokucula kodwa engena egamanxa ekuhleleni nemicimbi.
UNaima, wodumo lwengoma ethi Lelilanga, Shayizandla nezinye, uke wenza umcimbi iSekwanele Tour, ePlayhouse, eThekwini.
Njengamanje usezinhlelweni zokwenza omunye, i-Homecoming, ngakubo ePort Shepstone naseqalile ukuwukhangisa.
"Ngikhombisa ukuthi sengikhulile, ngiyakwazi ukuzenzela into yami kodwa phela ngosizo lwe-Touch Africa (inkampani aqopha ngaphansi kwayo). I-Touch Africa izamile ukuthi ingikhulise ingibeke lapho engikhona, manje bangifaka ebhizinisini ngalo mcimbi wami.
“Siyayiqala kulo nyaka futhi sinethemba lokuthi izokhula ibe nkulu kanjalo nenkampani, iNaima Kay Foundation, esisazokwenza okuningi kuyo," kusho uNaima.
Uthe okwamanje usenza imicimbi, akakakubheki ukuthi aphume e-Touch Afrika ngokuphelele aziphathele nomculo wakhe.
"Angiziboni ngishiya i-Touch Africa kodwa uma kuthiwa ngiyafisa, ngifuna ukuvula isitebele sami angiboni benganginqabela. Ubaba (uMdu Ngcobo, umnikazi we-Touch Africa) uhlale njalo engeseka engikhulisa kukho konke ngakho ngeke angivimbe ngoba ngiyabhala futhi ngiyadidiyela.
“Nalokhu engikuqalayo manje yinto angigqugquzela yona. Okungenzeka kodwa wukuthi ngingavula isikhungo sokusiza ukuthola ikhono kakhulukazi ngasekhaya ngoba inhliziyo yami ingisa kakhulu ngasekhaya lapho ithalente eliningi likhona.”
Uthe unenqwaba yomculo omusha abelokhu ewubhala futhi ewuqopha kodwa wangawukhipha. Uthe uzokhipha ngasekupheleni kwenyanga noma ngezayo.
“Ngikhiphe ingoma eyodwa, iKumnandi, noZolani ngonyaka odlule. Iyingxenye yomsebenzi wami omusha kodwa bengisezwa amanzi ngobhoko ukuthi bazoyithanda yini. Umculo omusha ungaphuma noma yinini ngoba zikhona izingoma.
“Bengithi ngizokhipha, ngibone ukuthi angikho mandla ngaleyo ndlela ngabuyela e-studio ngoba ngifuna ukwenza into esezingeni. Ngicabanga ukuthi ngizokhipha ingoma ezobe isihambisana nayo yonke imininingwane yomcimbi wami, iHome Coming Picnic, ezoba seSt Michael’s Beach ePort Shepstone ngo-Ephreli 26.”