INHLANZI ingase ishelwe ngamanzi kowayengumsakazi weGagasi FM, osezibiza ngenyanga, njengoba ezovulelwa icala lokuthumba indodakazi yakhe ayithatha kuyise wayo ngo-2019, ethi iyamvakashela.
Kuthiwa indodakazi kaZukiswa "Zookey Zarling" Vuthela, ebihlala noyise wayo uKay Sibiya ongumlingisi weMbewu, yahamba ngesikhathi samaholidi ePhasika, kuvalwe izikole ineminyaka emine.
Indodakazi yabo esineminyaka eyisishiyagalombili kubikwa ukuthi isihlala nonina osethandana nenyanga yaseMpumalanga.
Kuvela izindaba zengane nje, uZookey Zarling ushiye abantu bemangele kuleli sonto ngemuva kokunameke ividiyo ekhasini lakhe leFacebook.
Ethintwa yiSolezwe ngeSonto uKay mayelana nodaba uthe, iyamcasula into eyenziwa ngunina wengane yakhe ngoba ifaka impilo yendodakazi yabo engcupheni.
"UZookey ulwa nami ngokudicilela isithunzi sami kodwa ingiphula umoya into ayenzayo ngoba ingane akayivikeli. Ingane izoba nenkinga nasesikoleni phela manje ngenxa kamama wayo ovele akhulume izindaba budlabha futhi ezithinta impilo yayo," kusho umlingisi.
Eqhuba uthe akathandi ukugxila enkulumweni kaZookey ayifake kwividiyo ngoba yonke into ayikhulumayo ingamanga.
UKay ucele iphephandaba ukuthi likhulume nommeli wakhe uNksz Mbalenhle Kubheka, wathi ubehlezi naye bedingida udaba ngesikhathi ethintwa.
UNksz Kubheka uthe, okumthokozisayo ukuthi impi abayilwayo noZookey isiyacaca manje ukuthi ibheke kuphi ngoba sebelindele ukuthola incwadi yasenkantolo egunyaza ukuthi kulandwe ingane kunina.
"Ingane yeza kuyise wayo ngoba unina ehluleka ukuyinakekela. Waphelelwa umsebenzi kwase kubhimba izinto. Waxhumana noyise wamcela ukuba ayithathe ngoba wayengasenayo indawo yokuhlala. Ngempela uyise wengane wayilanda kwayima ithola ukunakekeleka kahle. Inkinga iqale esethatha ingane ethi ivakashela lapho asehlala khona. Akakaze ayibuyise, kwala noma sithi siyamthinta ngocingo akatholakali njengoba sesimbona enameka ividiyo kwiFacebook. Njengamanje simatasa nokuqeda uhlelo lokuthola incwadi yasenkantolo bese sithinta amaphoyisa aseMpumalanga, azothungatha yena nengane," kusho ummeli.
Ethintwa uZookey uqale waxolisa ngokungatholakali kwakhe wabe eseveza ukuthi ubematasa nomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwendodakazi yakhe.
“Bikani ngengikhulume ngakho kwi-video njengoba namanye amaphephandaba enzile,” kusho yena kafushane.
Omunye wabesifazane ababengabangani kaZookey othintwe yiphephandaba, uthe usola ukhwantalala kule ntokazi eyayingumsakazi..
"Ziningi izinto ezikushiya ushaqekile ezenziwa nguZookey. Besizwana naye kakhulu kodwa ngase ngikhetha ukuhlehla ngoba ziningi izinto ayezenza engangingaziqondi. Kumanje njengoba elwa nobaba wengane yakhe, angenza noma yini ukululaza isithunzi sakhe ngoba ayenzekanga intando yakhe (kaZookey). Empeleni wayefuna ukuthandana noKay kwasho ukuthi uyise wengane wayengahlosile ukuthandana naye. Kwakulala kwabo ngobusuku akhulelwa ngabo, babengahlelanga ukukhulelisana. Yilo owesifazane owayenga owesilisa," kusho umthombo.
Iphephandaba linengxoxo ekwiWhatsApp ephakathi kukaZookey noKay lapho emtshela khona ngokukhishwa eflethini abehlala kulo ngenxa yokungahambi kahle kwezimali.Ikhona enye inkulumo lapho ecela izithombe zengane kuyise. Kwenye inkulumo uncoma igalelo likayise wengane ngendlela anakekela ngayo indodakazi yabo.