KWENZEKE obekungalindelekile endaweni yobumnandi iViews At Twenty5 ngesikhathi owesilisa ewa ngedolo phansi ecela isinqandamathe sakhe umshado.
Isenzo sikaMnuz Scelo Shelembe sithuse isithandwa sakhe uNksz Thobile Ntombela nezihambeli zomcimbi.
UShelembe waseClermont utshele leli phephandaba ukuthi ukhethe ukwenza lokhu ngoba uNksz Ntombela uyayithanda le ndawo.
“IViews yindawo ayithandayo kakhulu. Nebhendi ebidlala siyayazi futhi siyayithanda. Yikho okuvele kwenza kwaba kuhle kakhulu. Le nto ngiyenze endaweni yomphakathi ngoba umhlaba kumele wazi ukuthi siyathandana,” kusho uShelembe.
Uthe sebethandane iminyaka emithathu. Uveze ukuthi useziqalile izinhlelo zokushadelwa nguNksz Ntombela futhi indandatho iyisithembiso salokho.
IViews At Twenty5, elapho okwakuyiseSkyy Bar khona, ibigubha unyaka yavulwa. Umgubho udonse impelasonto yonke njengoba uqale ngoLwesihlanu waze waphothulwa izolo.
UMNUZ Scelo Shelembe ethembisa isithandwa sakhe uNksz Thobile Ntombela umshado endaweni yobumnandi iViews At Twenty5 Isithombe: INSTAGRAM
Umnikazi wayo, uKgolo Mthembu, uveze ukuthi amatafula abekiswe wonke impelasonto yonke njengoba abantu bayaye bazibekisele izindawo ngaphambi kokuthi bafike.
NgoLwesihlanu ebusuku bekunandisa uDJ Nag, ibhendi iDeep Breath nabanye. Uhlelo beluphethwe ngumsakazi weGagasi FM, uCollen Zondo.
Bekukhona nozakwabo ababingelele abantu uRaphael Griffiths ophinde abe ngumlingisi kwiMbewu: The Seed noLunique.
Bekukhona nomlingisi woZalo uKhaya Dladla.