UMCULI wokholo u-Ayanda Ntanzi uthi ufuna kuzodunyiswa emcimbini azobe ethula kuwona i-albhamu ethi According to Grace.
Umcimbi i-According to Grace: A One Man Show ungoMgqibelo ozayo e-ICC, eThekwini kanti amathikithi asedayise aphela.
Ekhuluma ngomcimbi u-Ayanda uthe umlando wokholo ukhuluma ngendoda eyodwa yingakho ekhethe ukuthi idili lomculo lihambisane nokudumisa igama likaJesu.
“Akukho okunye okumele sikubheke uma sithinta ukholo. Ngakho lo mcimbi uzobe uthinta ukubonga nokudumisa indoda eyodwa, uJesu owasifela. Ngakho bonke abazohambela umcimbi bazophuma kuwo bebusisekile ngoba kuningi abazobe bekujabulela. Okunye okungijabulisile ukuthi le albhamu ngayiqopha phambi kwezinkumbi zabantu eMgungundlovu, abaphuma bebusisekile. Namanje sizokwenza okufanayo e-ICC ngoba abazobe bekhona bazobhema bakholwe abazokubona,” kuchaza u-Ayanda.
Uthe abaculi ahambisana nabo kubalwa iKZN Philharmonic Orchestra neqembu Umlazi New Sound Gospel.
Uveze ukuthi umqondo wokuhlela umcimbi wamfikela ngesikhathi kuphunywa ePhasikeni, yilapho abuza khona abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bangawuthokozela yini umcimbi lapho azobathokozisa khona yedwa.
“Abantu baphendula ngobuningi babo ngabona nentshisekelo abayikhombisayo, ngabona ngayo ukuthi amathikithi azodayisa okwamakhekhe ashisayo. Ngempela kwenzeke njalo,” kuchaza u-Ayanda
Umculi obuye ashebe umculo nokuba ngummeli, uhlale ekhuthaza abantu abasha nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kubalulekile ukuthi uma uyiciko, noma ungavelela kanjani kodwa kumele kube khona nokunye okuseceleni okwenzayo.
U-Ayanda uthi imfundo iyohlale isesitayeleni futhi noma ngabe sekubheda kanjani empilweni kodwa ngeke ikushiye ngoba isuke ingeyakho.