UMLINGISI wakuleli uThapelo Mokoena, uthi ungomunye wamaciko athikamezeke kakhulu ngenxa yomvalelandlini. Uthi ukubona abantu belahlekelwa wumsebenzi nokuthwala kanzima bengamaciko, yikhona okumenze wavula indawo yokudlela.
UThapelo ophinde abe nguphrojusa futhi osengene kwezamabhizinisi uvule indawo ebizwa ngokuthi iMoltiva, enkabeni yeJohannesburg. Uthi iCovid-19 ibenomthelela omubi kuleli kubantu abaningi, ngakho uyathemba ukuthi kukhona umehluko abazowenza.
“Kukhona abantu abadinga ukubuyisela izimpilo zabo esimweni esifanele ngemuva kokubhekana nezinselelo ezihlukene zokukhahlanyezwa yileli gciwane. Ngakho siyathemba ukuthi le ndawo kukhona ezobasiza uma kuziwa ngakwezezimali ukuze impilo ibuyele esimweni. Abanye izobasiza ngokomqondo ukuthi bathole ithuba lokuzikhipha, bajabulele nokudla esizobe sibanikeza khona neziphuzo,” kusho uThapelo.
Uthe umqondo wokuvula le ndawo wamfikela ngemva kokuhamba izindawo ezihlukene zokudlela eziseJohannesburg.
“Ngingomunye wabantu abakhahlanyezwe kakhulu wumvalelandlini. Yilapho ngihlale khona ngacabanga ukuthi ngempela yini okumele ngiyenze ukuze kube khona okungenayo. Iningi labantu belidinga ukuthola izindlela ezintsha zokwenza imali ngoba impilo ibingasafani nendlela esiyazi ngayo. Kule ndawo sokwamukela wonke umuntu azojabula nathi ngoba akungcini nje ngokuba yindawo yokudlela kodwa uma uza kuyo kungathi uvakashele ezweni thizeni,” kuchaza uThapelo.
Ngesikhathi ivulwa uthe umeme nozakwabo abasemkhakheni wobumnandi ukuze bazochitha isikhathi bakhohlwe yingcindezi abanayo. Phakathi kwabo bekukhona abalingisi okubalwa uNambitha Ben Mazwi, Mampho Brescia, Celeste Ntuli kanti abapheki bekungoChef Nti noLuyanda Mafanya.