UYAVEVA usomabhizinisi waseThekwini ngesenzo somculi wegqom, athi sekuphele izinyanga ezimbili engayikhokhi imali yokuboleka imoto ehlale kuye isikhathi esingangenyanga.
Kuthiwa uThobeka “Tipcee” Ndaba, owaboleka imoto eMauritius Boyz, okuyinkampani eqashisa ngezimoto ngoJulayi, uphucwe yona ngo- Agasti engasayingeni eyokuyiphindisela emuva.
Lo mculi kubikwa ukuthi ubesakhokhe uR3000 kuphela njengoba bese kuphele izinsuku ezingu-25 imoto ihlezi kuye.
Imoto kubikwa ukuthi ibiza uR600 ukuyiqasha ngosuku. Kulindeleke ukuthi akhokhe uR12 000 okuthiwa namanje akaphumeli obala ukuthi uzowukhokha nini.
UMnuz Samkele “Mankeshe” Mbhele ongumnikazi wenkampani, uthe okumphatha kabi wukuthi uTipcee akasazibambi izingcingo zakhe ezinombolweni zezingcingo abemfonela kuzo.
Uthe okunye okumcasulayo wukuthi umculi udlale ngabo ezenza umuntu ozimisele ngokukhokha isikweleti kanti uyazi ukuthi uzojika angabe esaphendula nemiyalezo yeWhatsApp abebemthumelela yona.
“Ngemuva kokubona ukuthi useyasiziba uma simfonela, sithathe isinqumo sokufuna imoto nge-tracker sinomngani wami esibambisene naye enkampanini. Into eholele ekutheni simthungathe ngayo wukuthi besihlezi singamtholi uma siyombheka kubo eWestville. Imoto ize yatholakala ePinetown ngo-Agasti lapho okuhlala khona isoka lakhe,” kuchaza uMbhele.
Ngosuku esilande ngalo imoto usitshele ukuthi akanayo imali futhi usalinde ukuhola kuDJ Tira.
Eqhuba uthe, njengoba exhumane neSolezwe ngeSonto akalwi nomculi kodwa ufuna akhokhe imali abakweleta yona.
“Sengikhathele wukulandelana naye. Sengidinga akhokhe imali yethu. Okumele akwazi yena wukuthi sisebhizinisini. Iyona ndlela esizizamela ngayo lena isinkwa semndeni yethu,” kusho usomabhizinisi.
Ethintwa uTipcee, uvele waluvala ucingo ngemuva kokuzwa ukuthi uthintwa yintatheli mayelana nalolu daba.
Umlayezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphenduli
uDJ Tira, uthintwa uthe ayikho imali ayikweleta uTipcee.