IZINKUNDLA zokuxhumana ngezinye zezinto ezineqhaza elibalulekile ebantwini kule minyaka.
Unyaka, nonyaka kuqhamuka okusha okuthinta zona futhi okwenza abantu baxhumane kalula. Inkundla yezokuxhumana i-TikTok ngenye yezingenisile ngemuva kokuhlasela lwegciwane iCovid 19, ngo-2020.
Kodwa kusuka ngo-2022, kuqale kwagqama abaningi. Kusuka ngonyaka odlule kuze kube manje abantu abasha abaningi babone amathuba okusebenzisa le nkundla ukuzimaketha ngomsebenzi wabo.
Lokhu kubadalele ukuthi baqashwe emicimbini, babonakale kuthelevishini futhi bazenzele amabhizinisi ngeTik Tok.
Nathi njengabamaphephandaba kukhona abasidonse amehlo sagcina sikwazile ukubhala ngabo nangezinto abazenzayo kule nkundla.
Okunye okukhulu okwenzekile ukubonakala kudlalwa umculo wamaciko ahlukene ikakhulu izingoma ze-piano nomaskandi.
Abaculi basizakale kakhulu ngoba beyisebenzisile iTik Tok ukuqhakambisa nokukhangisa ngezingoma zabo, ukuze zaziwe nakakhulu kuleli nakwamanye amazwe.
Izwe laseNigeria, lingelinye eligqamise kakhulu umculo we-piano ngenxa yokuthi bebebona abakuleli bezidansela ezinkundleni zokuxhumana.
UTyla ulapha akhona nje namhlanje, uyazi ukuthi ingoma yakhe ethi Water yathuthukisa abantu abasha kwiTik Tok.
Namhlanje ngizoke ngibheke abantu abasha abangu-10 ababonakale benza kahle ezinkundleni zokuxhumana.
Umlingisi uLerato Nxumalo, usanda kuveza imali ayenze ngezinkundla zokuxhumana.
Intokazi yaseNkandla uMashudula, iqale izishuthela amavidiyo ahlukene ezinkundleni zokuxhumana kodwa muva nje isingumphathi wemicimbi ahlukene yobumnandi.
UNdoyisile, noGrace Mondlana babe yizibonelo ezinhle kule nkundla ngokusebenza nezinkampani ezinkulu, ekugcineni balungisa amakhaya abo.
UThick Dudle, intokazi yaseThekwini, kulezi zinsuku ingundabamlonyeni ngokuhlangana nensizwa yaseJapan uSechan, abalandela izinkumbi zabantu ngezingxoxo ababa nazo.
UThick Dudle usengomunye esingambiza ngosaziwayo ngoba usesebenza nezinkampani ezinkulu ezihlukene.
Singazikhohlwa kanjani izinsizwa ezintathu ezingabangani uPhilani Mthembu, Thandile Ntombela odume ngelikaNdile noSphelele Wandile.
Baqale bezisebenzela ngokuzimela. Kodwa ukuhlangana kwabo babe ngabangani kubenze baqhamuka namakhono ahlukene.
Ngeke ngimangale kulo nyaka esiwuqalayo uma ngingabona oyedwa kubo, noma bonke bengena ekulingiseni.
Uma sibheka umaskandi uXolisani Mbeje, Njabulo Langa, Mambomvu, Myovu bangabanye ababeke umaskandi namabhinca kwelinye izinga, aze athola ukunakeka.
Yize kukhona abayisebenzisa kabi inkundla kodwa iqiniso limile ukuthi ibe nomthelela omuhle kwabaningi