UMSAKAZI wezemigwaqo kuKhozi FM U-Ayanda “Ngwenya” Msweli oke wabamba oqotsheni owayengunkosikazi wakhe elele neshende ehhotela, usezitholele isinqandamathe esisha alungiselela ukusishada ngelinye ilanga.
Lo msakazi udume ngamancoko uma azisa abalaleli ngokugeleza kwezimoto emigwaqweni. Kuyinto engafihliwe ukuthi wabamba umkakhe neshende waze wathatha idilozi efuna ukuligcina njengobufakazi bokuthi umbambile. Waze wathwebula nezithombe zomkakhe enqunu neshende okuthiwa lalingumngani wakhe uMsweli nalo eliyiphoyisa lomgwaqo. Lesi sigameko saba buhlungu kakhulu kulo msakazi wagcina ehlu-kene nomkakhe abanezingane naye.
Exoxa naleli phephandaba uMsweli uthe nakuba engathandi ukugxila kuleso sigameko kodwa naye waba naso isandla ekonakaleni kwezinto phakathi kwakhe nowayengumkakhe.
“Kuyo yonke into eyonakalayo empilweni yakho, uma ungumuntu kufanele wazi ukuthi nawe unesandla.
“Ngeke ngikhombe ngomunwe engangishade naye ngoba nami ngaba nawami amaphutha. Ngibonga abantu abangeseka kuleso siwombe ngagcina ngedlulile kusona,” kusho uMsweli.
Uxwayise abesilisa abazithola esimeni esifana nesakhe ukuthi bangathathi izinto ngamawala ngoba lokho akubuyiseli.
“Yebo iyahluthuka inhliziyo kodwa kufanele ucabangele izingane phela ukuthi ziyanidinga nobabili ningabazali.
“Nami ngayicabanga kahle le nto ngayisingatha ngendlela ekahle ngedlula kuyona,” kusho uMsweli.
Lo msakazi ngesonto eledlule ubeyokwembesa ekhweni lakhe njengoba esephothula amalungiselelo odwendwe athe alukanqunywa usuku lwalo kodwa khona ziya kumaliyethi.
“Ngizoshadelwa, kuyiqiniso sengihambisile amalobolo ngagcina neminye imicilikisho egcinwayo uma kuganiselwana.
“Angithandi ukufaka isithandwa sami emehlweni abantu, yimi engisebenza ngabantu hhayi yena,” kuphetha uMsweli.
Wale waphetha ukudalula igama lengoduso yakhe kodwa leli phephandaba lihabule ukuthi ingoduso uNksz Sbahle Msomi waseMlaza kwa-E.