Second lead
PHAKATHI nesonto umbhobho usala phansi kunalokho uphatha ushoki ame phambi kwabafundi umsakazi weGagasi FM, uMthokozisi “Mkay Music” Mbele.
Useqalile ukufundisa eReservoir Hills Primary, eThekwini.
UMkay wethula uhlelo Umsindo Takeover ngoMgqibelo ngo-4 ntambama abuye nangeSonto ngo-2 emini ohlelweni iThe Lounge.
Le nsizwa edabuka KwaDabeka, ithe kade izama ukungena ekufundiseni. Ithi yathi uma iphothula u-matric ePinetown Boys ngo-2018, yafundela ubuthishela.
“Nginguthisha oneziqu owazithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Ngiqeqeshelwe ukufundisa phakathi kuka-Grade 4 kuya ku-6. Njengamanje sengiqalile eReservoir Hills Primary, ngifundisa i-Maths ne-English,” kusho uMkay.
Udalule ukuthi bese kunesikhathi efaka izicelo zomsebenzi kodwa engabi nenhlanhla.
“Ave kunzima. Sinodokotela abangasebenzi lapha eNingizimu Afrika. Kunzima ngaleyo ndlela. Kwaba naleyo nkinga yimanje lapho ngithe uma ngifaka isicelo bangiphendula ngaphuma phambili kwabanye nabo abebefakile. Bekungekho ukuthi ngifuna ukuqala manje. Bengifuna ukuqala ngo-2022 ngithola iziqu kodwa akwangalunga.”
Uthe uthando lokufundisa ube nalo esemncane ngemuva kokusizwa nguthisha esikoleni samabanga aphansi.
“Ngangiyintwana ehluphayo ekilasini. Ngifunda u-Grade 3 uthisha wami wayesekhathele yimina wangithumela ekilasini labafundi abanezidingo ngahlala khona unyaka nohhafu ngoba angiwenzanga u-Grade 4 ngoba ngangikulona lelo kilasi. Kwafika uthisha owabona umsebenzi wami ephepheni wabona nendlela yami yokuziphatha ukuthi iyathuthuka wathi, ‘haibo uyazi empeleni wena akufanele ube lapha’.
“Wangenzisa izivivinyo ezehlukene njengokubhala, nezibalo wathola imiphumela wathi angibuyele ekilasini elijwayelekile ngingenzi nje umsebenzi wezandla ngoba ekilasini engangikulo iningi labafundi ligcina selenza umsebenzi onjalo. Wanginika lelo thuba futhi ngingumuntu engiwuye namuhla ngenxa kathisha owakholelwa ukuthi ngingaba ngcono. Uthando lwaqala lapho,” kuchaza uMkay.
Lo msakazi ophinde abe ngumculi uthe ukungena kwakhe ebuthisheleni akusho ukuthi usezowulaxaza umbhobho. Uthe empeleni ngisho enganikezwa ithuba lokusakaza emini phakathi nesonto uyohlala phansi acabangisise ukuthi ukhetha ukuqhubeka nakuphi ngoba yimisebenzi ayithandayo yomibili.
“Engingakusho wukuthi ukufunda kuba nomthelela emsebenzini owenzayo. Kubalulekile ukuthi oMkay bakusasa no-Ayanda Ntanzi bakusasa bazi ukuthi ungaba yiciko elifundile, ungaba wumsakazi ofundile noma umlingisi ofundile.”