UMLINGISI owazakhela udumo kwiHome Affairs, oke waba ngumethuli wohlelo lwakuMzansi Magic, i-Our Perfect Wedding, uthe akazisoli ngokubopha imithwalo yakhe ashiye idolobha ayozelusela izinkomo emakhaya.
UBrenda Ngxoli uthe namanje usazinze kubo e-Eastern Cape. Uthe ukuhlala emakhaya sekumembulele izinto eziningi njengoba ethi usezelwe kabusha, nempilo ayiphilayo inokuthula nenjabulo.
“Ngathi angiyeke ukuhlupheka nabantu edolobheni kodwa ngigoduke ngiyoziphilisa ngemfuyo nezitshalo emakhaya.
“Akuhlushekwa emakhaya. Kunabantu basemakhaya abadliwa ngamagundane emijondolo yako-Alexandra ngoba bengafuni ukugoduka.
“Mina ngafika emakhaya ngakha umuzi wami sengiyalima futhi ngeluse emakhaya.
“Ngiyayithola imali ngokuphatha izinhlelo emicimbini futhi ngethule izinkulumo ezakhayo.”
Uthe usehamba eshumayela ivangeli lokuthi abantu abamnyama bakhonze oNkulunkulu basemandulo oQamatha (ngesiZulu okuthiwa nguMve-linqangi).
“Ngazi-buza ukuthi baphi oQamatha esasibakho-nza ingakafiki le ncwadi enomlomo obomvu.
“Singaba-ntu abamunye, asiqhube inkolo yothando. Asiyeke inkululeko yepolitiki kodwa singene kwekamoya. Sinxuse oQamatha ukuba basifundise ukubekezela.”
Uthe ukulingisa akasoze akuyeka kodwa akasoze adlala indawo ethunaza umuntu omnyama.
“Kulezi zinsuku sekugcwele imidlalo engcolile neqhakambisa udlame.
Mina angihambi-sani nalokho. Mina ngiyayikhetha imidlalo engilingisa kuyo, angilingisi noma iyiphi indawo.”
UBrenda wethusa abaningi ekuqaleni kwalo nyaka edalula ukuthi uhlukumezeke kakhulu endimeni yezokungcebeleka.
OWAYENGUMLINGISI uBrenda Ngxoli owazakhela udumo kwimidlalo okubalwa kuyo iHome Affairs. Isithombe: ESIGCINIWE
Waveza ohlelweni olwalwethulwa wu-Anele Mdoda, iReal Talk kuSABC3, ukuthi kunabathile kule ndima abamhlukumeze ngokocansi.
Yize ayethe ubathathela izinyathelo zomthetho kodwa manje uthi usethathe isinqumo sokubathethelela.
“Mina sengisenkolweni yokunikeza uthando nokuthethelela abantu abangonile.
“Uma usukule nkonzo awube usaba nayo inzondo namagqubu.
“Ngahlala phansi ngajula ngakho konke ngazibuza ukuthi kwakubangelwa yini bangihlukumeze kanje.
“Ngathola ukuthi uma umuntu ekuzwisa ubuhlungu kusuke kunothize naye owamzwisa ubuhlungu empilweni yakhe.”
Uthe nakuba engabambele muntu igqubu kodwa akasoze akukhohlwa abakwenza kuye.
UBrenda waveza ukuthi kunozakwabo wesilisa owamphulula amathanga waze wafinyelela nasesithweni sakhe sangasese
kodwa wamchiliza esesithinta.
Wathi lo mlisa akagcinanga lapho kodwa wabuye wancoma izinyawo zakhe, ethi uma ezibona zimenza angene egiyeni locansi.
Eqhuba wathi akubanga umlingisi wesilisa kuphela kodwa kukhona nowesifazane owamtoboza amabele maqede wazithethelela ngokuthi akulona icala ukuthintwa ngowesifazane ezincenceni.
Wathi zonke lezi zehlakalo zazimudla enhliziyweni futhi zimqwashisa ebusuku kodwa ephoqeleka ukufela ngaphakathi okwebutho laKwaZulu.
Uthe abantu abamkhumbulayo abamlandele ezinkundleni zokuxhumana ngoba usawafaka ama-video akhe.