ABACULI bakamaskandi bakhala ezimathonsi ngokuqolwa ngumuntu ozibiza ngophrojusa wezinhlelo zikamaskandi kuKhozi FM, uSandile Mdlalose. Isolezwe ngoMgqibelo linazo izinkulumo eziqoshiwe nezibhalwe phansi ezithunyelwa yilo Mdlalose mbumbulu. Uyalela abaculi ukuba bathumele amaCD abo emsakazweni bese bewabhala igama likaMdlalose ukuze adlalwe emoyeni. Kuthiwa uphinde athi abaculi abagwaze kuye ukuze benze ama-interviews kuSigiya Ngengoma. Kwenye inkulumo eqoshiwe lo 'Mdlalose' uzwakala enxenxa omunye umculi kamaskandi ukuthi akhokhe ukuze enze kuxoxwe naye emsakazweni ngoJuni.
Leli phephandaba limthintile lo 'Mdlalose', lazenza umculi osafufusa. Uthe akathunyelwe amaCD amabili emsakazweni abhalwe ukuthi aya kuMdlalose. Esethola ukuthi ukhuluma nentatheli, ukhale ngokuthi usehlushwa yi-network maqede waluvala ucingo. Ephinda efonelwa, ucingo lwakhe belungasabanjwa.
Omunye wabaculi abakhala ngokuxhashazwa yilo 'Mdlalose' nguMalibongwe Buthelezi (25) waseTulwane eNkandla, kodwa emculweni udume ngelikaThwasa Losolwazi. Uthe kulezi zinsuku ‘uMdlalose’ umxina ngokuthi asheshe akhokhe ukuze ingoma yakhe idlalwe kuSigiya Ngengoma nasohlelweni lukaZimdollar, Isibhukuda Kwesimanzonzo. “Ngaqala ukwazana naye ngo-2006 ethi angimfakele uR2 000 eShoprite ukuze angifake emicimbini yomasipala. Ngamfakela kodwa angibange ngisamthola ocingweni njengoba eseqhamuka manje esethi angimfakele imali ukuze kuxoxwe nami emsakazweni."
Omunye okhala esifanayo nguSabelo Ngcongo (27) wasoYengweni KwaMaphumulo odume ngelikaMgqilazi, uthe lo 'Mdlalose' wagcina ngokumqola uR200 amfakela wona eShoprite maqede wanyamalala akasamtholi.
Ethintwa uMdlalose woKhozi FM, uthe usezwile ngalo muntu ozibiza ngaye. “Kuyasho ukuthi ngumuntu ontula ulwazi lokuthi kwiSABC kusetshenzwa kanjani, kunohlelo okulethwa ngalo amaCD. Akanikezwa uMdlalose, unganginikeza ngoba ungipha hhayi ngoba izodlalwa emsakazweni. Uletha eyodwa ezogcina e-library nenye ezolalelwa yikomiti elibhekene nokuhlunga izingoma ezizodlalwa emsakazweni.”
Uthe bahlela ukuthi kuke kubizwe kuSigiya Ngengoma amalungu aleli komiti ukuze achazele abaculi ukuthi yini okufanele ayenze ukuze izingoma zabo zidlalwe emsakazweni futhi bangaqolwa.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwezikhulu zoKhozi ayiphumelelanga.