UNAIMA Kay, obonakale kwiLive Amp ngoLwesihlanu ecula ingoma yakhe entsha okokuqala ethi Ushela ngeData, uthi useyakuqonda ukuthi kungani uRobbie Malinga ngesikhathi beqopha ingoma athi uzoyicula yedwa.
UNaima uthe wathintwa nguRobbie, oshone ngoKhisimusi ngemuva kokuxinwa wumdlavuza wamanyikwe, ngonyaka odlule emmema estudiyo eGoli.
“Wathi wenza i-albhamu yakhe futhi ufuna senze ingoma. Senza iSweety Lavo. Ngemuva kwayo sathi sihleli sixoxa estudiyo wathi ubhale ingoma efanele mina. Wangiculela ikhorasi wabe esethi angibhale,” kusho uNaima.
Uthe wabhala ivesi lokuqala uRobbie wathi akabhale nelesibili.
“Ngambuza ukuthi kanti ngeke yini acule nami wathi ngeke akwazi ngoba usebuthaka. Wathi futhi ngeke aye nami emcimbini siyoyicula. Manje sengiyacabanga ukuthi wayekhuluma kanje ethi ngizoyicula ngedwa wayebona ukuthi useyahamba. Wangivalelisa kamnandi ngengoma,” kuchaza uNaima.
Uthe kuyamjabulisa ukuthi abantu bayayithakasela ingoma yakhe yize ayengahlelile ukukhipha umculo omusha ngoba wayesaphusha i-albhamu yakhe endala i-All About Love.
“Abanye baze bathi ngibakhumbuza uBrenda Fassie ngale ngoma,” kusho uNaima.
Uthe unezingoma eziningi ezintsha azibhalile futhi waziqopha ngeselula yakhe.
“Sekusele ukuthi ngiye estudiyo ngiyoqopha kahle. Abalandeli bami bahlale njalo belambele umculo omusha nokuyingakho ngizokhipha i-albhamu entsha. Ngingathanda ukupika uLassandra noKwesta ngoba ngiyakholwa wukuthi ngingenza noma yiluphi uhlobo lomculo. UKelly Khumalo kade ngafuna ukusebenza naye futhi no-Amanda Black ikhona into esingayenza ndawonye.”
Ingoma uthe njengoba isidlala emsakazweni abantu bangayithola ku-iTunes ngaphambi kokuphela kwenyanga.