KULINDELEKE ukuthi babonakale ohlelweni lwethelevishini abashiya izinqandamathe zabo, bakhetha ukubhunguka.
Abazocela usizo lokufuniswa abathandiweyo babo abahamba bazobonakala ohlelweni oluthi Wanyamalala oluzovela kuMzansi Wethu ngoFebhuwari, noluzokwethulwa uMoss Makwati.
UMoss uzohlangana nabesilisa nabesifazane abafuna ukuhlanganiswa nababethandana nabo ukuze kuphenduleke imibuzo abanayo ngokushiywa kwabo.
UMoss uthe owakhe umsebenzi ukuhamba nethimba lakhe, besebenzisana nabaphenyi abazimele, okuyibona abazohamba phambili ekubhekeni owaduka.
“Uma esimfunayo esetholakele, mina ngizohlangana naye endaweni elungele ukuthi sibe negxoxo ukuze ngithole kabanzi ngokwaholela ekutheni athathe isinqumo sokuhamba wangaziwa ukuthi ukuphi. Ngizobe sengigcina ngokubahlanganisa ukuze baxoxe futhi kube khona imibuzo ephendulwayo. Engikubonile ngesikhathi siqopha ukuthi imibuzo abaningi abayibuzayo iyafana njengoba besuke befuna ukwazi ukuthi yini eyaholela ekutheni bashiywe kungabanga nagxabano nokunye ke okwakwenzeka bethandana okungekuhle,” kuchaza uMoss.
Lolu hlelo luzoqala ngoFebhuwari 16, ngo-7.30 ebusuku kuMzansi Wethu (DStv 163).