UNOBUHLE ophethe isicoco kaMiss South Africa International ongowokudabuka KwaMhabuyalingana, KwaZulu-Natal, uSphilangousa Msweli, uthi isihlava sokukhulelwa kwamantombazane asemancane yikho okuholela ekushabalaleni kwamaphupho.
Uthe lesi sihlava asikhungethe umphakathi wangakubo kuphela kodwa imiphakathi eminingi yakuleli. Uthe lokhu kungesinye sezizathu esiholele ekutheni aqale izinhlelo zokufundisa ukumodela ukulwa nokukhulelwa kwamantombazane asemancane.
Le ntokazi esanda kuthatha lesi sicoco emcimbini obungo Julayi, ibivakashelwe wubuholi benhlangano entsha yezepolitiki, iNational Community Liberation (Nacol), iveze izinhlelo enazo zokuthuthukisa intsha, ikakhulu yasemakhaya entula amathuba.
“Ziningi izinhlelo eziqondene nokuthuthukisa intsha engiphezu kwazo kodwa okuseqhulwini nokuseduze nenhliziyo yami, yisikole sokufundisa intsha ukumodela engisanda kusibhalisa, iNgomusa Academy. Ukumodela kuhambisana nokuzithiba ngoba kuphoqa ukuthi unakekele umzimba wakho. Lokho kwenza ungazibandakanyi nezinto eziningi njengakho ukujola.
“Asigcini ngokufundisa ukumodela kodwa sinikeza nezeluleko mayelana nokuthi kumele uziphathe kanjani emphakathini. Ngaphezu kwalokho, sinohlelo futhi lokunikezela ngamaqakelo kwabesifazane abasebancane, ngaphansi kwesiqubulo esithi ”amaqakelo kumele abe mahhala, amakhondomu adayiswe“.
“Emitholampilo, amakhondomu atholakala mahhala kodwa amaqakelo kufanele siwathenge. Emakhaya izinselelo ezifana nalezi ziyazwela kakhulu ngoba abazali kabanawo amandla.
USphilangomusa, 21, wenza i-bachelor’s degree in community development eUniversity of Johaneesburg, uthe ngaphezu kwalokho, endaweni yaKwaMhlabuyalingana baqale ngonyaka owedlule ngokulekelela ngokuthengela abantwana izinsizakufunda zesikole. Imfundo emakhaya uthe igcina iza kanzima ngenxa yokushoda nje ngezinto ezimqoka.
Uthe okumenza abe nezinhlelo ezigxile kakhulu emiphakathini yasemakhaya, yisazelo sokuthi naye ufike kuleli zinga ngenxa yokwesekwa yibo abantu basemakhaya.
“Ukuphumelela kwami kulo mkhakha ngibe ngisuka emakhaya, kufanele kukhuthaze kakhulu intsha ekhulele emakhaya ibone ukuthi nayo ingafika noma yikhuphi lapho ifisa khona,” kusho uKhwezi.
UMuzi Hlophe, ongumengameli we-Nacol nobehola ubuholi bale nhlangano ezimisele nayo ngokusinga ivoti lasemakhaya, ushaye ikhwelo naye elibhekise kosamabhizinisi abasebenzela ikakhulu ezindaweni zasemakhaya ukuthi bamseke uSphilangomusa.
“Inhloso yohambo lwethu bekuwukuzohlanganisa amehlo naye unobhuhle wangakithi ekubuyeni kohambo lwakhe lwaphesheya. Inhloso wukuthi asixoxele ngezinhlelo zakhe, bese sibona ukuthi singamelekelela kanjani ukusabalalisa izwi entsheni yasemakhaya siyi-Nacol,” kusho uHlophe.
Ebuzwa ngezinkambiso zale nhlangano entsha uHlophe, uthe: “Inhlosongqangi yenhlangano wukubuyisa isithunzi sobuholi bomdabu bube nezwi ekubusweni kwezwe. Ngalokho sikholwa wukuthi sizokwazi ukunika isisekelo ekuthuthukisweni komnotho ezindaweni zasemakhaya, yingakho sifisa ukubambisana nabantu abaqhakazile emakhaya njengaye uSphilangomusa.”