SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kokuthi kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi komsakazi woKhozi FM uMzokhona “Mzokoloko” Gumede nesiteshi ngemuva kokufaka incwadi yokwesula.
UMzokoloko ujoyine Ukhozi FM eminyakeni emithathu eyedlule esuka kwiGagasi FM lapho ayesakaza khona uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto.
Ungene kuKhozi FM wasakaza iSisonke Drive noMroza Buthelezi iminyaka emibili ngaphambi kokushintshwa ngodlule. Wenziwa i-technical producer yohlelo lwezingxoxo olusakazwa nguNongcebo McKenzie ngoMsombuluko kuya kuLwesine ebusuku waphinde wanikezwa nohlelo olungena ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku, iParty Yomhlaba.
Imithombo yeSolezwe ithi usule kuKhozi FM ngenxa yokuthi uyothatha izintambo kwiVuma FM lapho eyokwethula khona uhlelo lwasekuseni kusukela ngoFebhuwari 1.
Njengamanje lolu hlelo, olubizwa ngeGood to Go Breakfast, lwethulwa nguLinda The Game Ndimande, Phindi K, noGabriel Sithole.
Omunye umthombo uthe kuzoba nezinguquko ezinqala ezinhlelweni zeVuma FM.
“Sengathi bebefuna uKing Sfiso kodwa wanqaba base bethatha uMzo,” kusho umthombo.
UMzokoloko uthe uyazi ngamahlebezi amkhomba kwiVuma FM.
“Okwamanje angikwazi ukuphawula ngala mahlebezi. Nginenkontileka neSABC. Mhlawumbe kungaba ngcono ukuthi uthinte okhulumela iSABC nalesi esinye isiteshi osishoyo,” kusho uMzo.
Imizamo yokuthola okhulumela iSABC uGugu Ntuli ayiphumelelanga njengoba engayiphendulanga i-email athunyelelwe yona ngoLwesihlanu nethimba asebenza nalo kwezokuxhumana kwiSABC.
Ezinye izinguquko okuthiwa zizokwenzeka kwiVuma FM zithinta ukuhamba kukaThobile MaKhumalo Mseleku okwabazobonakala kwiReal Housewives of Durban Season 2.
Nasohlelweni luka-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto olwenziwa nguJacinta kuthiwa kuzoba nezinguquko futhi uJacinta ngeke esasakaza yedwa.
Okhulumela iVuma FM uLydia Mtshali akaphikanga futhi akazivumanga izinguquko.
“Abalaleli bangazilindela izinguquko kodwa sizokhipha isitatimende maduze. Njengoba isiteshi sikhula izinguquko ziba khona. Njengamanje siyatholakala naseShowe kuze kuyoshaya KwaNongoma ku-89.2fm nasoGwini oluseNingizimu ku-105.5fm okukhombisa khona ukukhula,” kusho uLydia.