UMNGANI omkhulu womsakazi woKhozi FM, u-Irvin Sihlophe, uveze ukuthi umndeni aweneme ngezinkulumo zokugxibha lo msakazeli womphakathi ngendlela obuphethe ngayo lo msakazi esadla anhlamvana.
UMnuz Ziphozenkosi Mthethwa ongumngani omkhulu kaSihlophe, ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kamufi izolo, eHarding, uthe umndeni awujabule ngalezi zinkulumo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Ukusho lokhu nje, enkonzweni yesikhumbuzo ngoLwesihlanu esontweni i-ECC eThekwini, uMfundisi Vusi Dube nabanye babangani baka-Irvin, bakhwela badilika emsakazweni Ukhozi FM belugxeka ngokunganaki uSihlophe esaphila.
UDube uveze ukuthi yena akasawulaleli lo msakazo selokhu waxosha uLinda Sibiya.
"Siyamangala manje uKhozi luhamba phambili luthi belumthanda uSihlophe. Bamkhiphe kwezenkolo nakwezemidlalo, sibabonile bethi ubengumsebenzi ozikhandlayo, kuphi kade bemxosha? Ubesebenza ngokuzikhandla kanjani bengamholeli? Ngibazwile bekhuluma, ngifuna ukunixoxela ukuthi uKhozi belungamholeli uSihlophe imali emfanele. Ubengitshela ethi unokhwantalala, ngezinye izikhathi ngimtshele ukuthi akabekezele," kuchaza uDube.
UDube uthe noma lo msakazo ungaqhubeka umhloniphe ngayiphi indlela njengoba engasekho kodwa leyo nhlonipho ubeyidinga esaphila.
Omunye wabangani baSihlophe uveze ukuthi lo msakazi wamtshela ukuthi ubeseshayelwa ucingo yizinkabi zimsabisa zithi zithunywe omunye wabantu omkweletayo, ufuna imali yakhe.
Uthe uSihlophe wamtshela ukuthi ubatshelile ukuthi kungcono bambulale ukuze aphumule. UZiphozenkosi uveze ukuthi bahlanganile nomndeni bawutshela ngalesi simo.
"Sizibonile sonke izinkulumo ezigcwele ezinkundleni zokuxhumana, siyazi ukuthi kulezi zinsuku intsha isijatshuliswa into encane, sihlanganile nomndeni ngaphambi kokuthi kufike umzimba kaSihlophe, sikhuluma ngalesi simo. Umndeni ukuvezile ukuthi aweneme, saxolisa ngokwenzekile. Into le ebengingeke ngize ngiyizibe ngingakhulumi ngayo ngoba yenzekile, kodwa manje umfowethu lala uphumule," kusho uZiphozenkosi.
I-SABC emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana, iveze ukuthi lokhu okushiwo uDube, ukusho ngesikhathi esibi umndeni wakaSihlophe uzilile.
"NjengeSABC sithanda ukukubeka kucace ukuthi njengenhlangano sibe nobudlelwano obuhle kakhulu emsebenzini noSihlophe futhi wenze omkhulu umnikelo ezinhlelweni ezahlukene ngaphakathi eSABC. NjengeSABC ngeke sivume ukufakwa ezimpikiswaneni ezingadala ukungezwani okungenasidingo," kuchaza isitatimende.
Enkonzweni yomngcwabo kaSihlophe eHarding, izolo, lo msakazi uchazwe njengomuntu obezithobile futhi emthanda uJehova.
Zonke izikhulumi ebezidedelana ziveze ukuthi uSihlophe uthinte izinhliziyo zabaningi ngomsakazo.
Izinyane leSilo esingasekho uPhumuzuzulu kaZwelithini, liveze ukuthi ubengamazi uSihlophe kodwa ukumuzwa emsakazweni yikhona okumenze weza emngcwabeni wakhe.
USbongi Ngcobo ophethe uKhozi FM, uveze ukuthi yize kunzima kodwa isimo sizodlula.
UPastor Mjosty abebehlela noSihlophe umcimbi Uvukile Gospel Music Festival, uveze ukuthi ubeseneminyaka engaphezu kweshumi esebenza naye.
"Mina ngizombonga uSbongi ngoba umile no-Irvin ngesikhathi esinzima. Ubengishayela ucingo esekhala ethi bamkhiphile kwezemidlalo kodwa uSbongi ubezama ukuthi aqhubeke asebenze. Uma kuziwa kuVukile, angazi ngizoqhubeka ngisebenze kanjani, iphupho lethu ngalo mcimbi kwakuwukushintsha isimo sabaculi basesifundazweni. Angazi ukuthi ngizoqhubeka kanjani kodwa kuzokwenzeka," kuchaza yena.
Abanye abebekhona kule nkonzo izimeya zemikhandlu ehlukene okukhona kuyo iKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli, eyasoLundi uMnuz uWilson Ntshangase, eyaseMzinyathi uMnuz Petros Ngubane ekaMasipala uMuziwabantu uMnuz Sboniso Zungu, umholi we-ActionSA uMnuz Zwakele Mncwango nabanye osopolitiki.
UNtuli ududuze umndeni wathi basebenze kakhulu noSihlophe, wathi izindaba zokushaywa isifo sohlangothi zika-Irvin zimphathe kabuhlungu.