UKUHILIZISANA phakathi kwesihlabani saseLimpopo, uMakhadzi noMnyango wezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo usekude ukuphela njengoba seyingenwe nangamaqembu epolitiki.
Iqembu likaMnuz Julius Malema, i-Economic Freedom Fighters (EFF), likhwele ladilika emnyangweni ngokuphuma iqhubu noMakhadzi.
I-EFF ibhale isitatimende igxeka ukuhlukunyezwa kukaMakhadzi ngokudalulwa kwemali aseke waholelwa yona wumnyango.
Leli qembu lithe inkokhelo eyatholwa wuMakhadzi eyokusebenza ngokuzikhandla hhayi ukuthi ubenikezwa yona bhusende.
Siqhuba lesi sitatimende sithe okushiwo umnyango kufekethisa impumelelo kaMakhadzi nokusebenza kwakhe kanzima.
Ngokwalesi sitatimende, umnyango kufanele ugxile ekulweleni amaciko ekuxhashazweni, kunokuhlasela umuntu wesifazane omnyama osephumelele nowenze isizwe saziqhenya ngokuvelela emhlabeni jikelele.
Nophiko lwentsha ye-ANC luthe alukwazi ukuyihlaba inhlali ekubeni kuhlukunyezwa amaciko.
Ngesitatimende sayo i-ANCYL ithe ukuzishaya isifuba komnyango ngokuxhasa uMakhadzi ekubeni babemholela ngomsebenzi abesuke ewenzile kukhombise ubuhlathi nokungasicabangeli isithunzi samaciko.
"Simi noMakhadzi nawo wonke amaciko ahlukumezekile ngalesi senzo... I-ANCYL ayikwazi ukuthula, isonge izandla ekubeni umnyango uxhaphaza amaciko. Sizolwela nanoma yiluphi uhlobo lokuxhashazwa nokuphathwa kabi kwamaciko ngabantu abazigwilikisa namasiko ethu," kusho isitatimende se-ANCYL.
Lokhu kungaboni ngaso linye, phakathi kukaMakhadzi noMnyango kaMnuz Gayton McKenzie, kuqale ngesikhathi lo mculi edalula kwiPodcast and Chill with MacG, ukuthi uye kumaBET Awards ngemali ayiboleke kumashonisa.
Sekungumlando ukuthi uMakhadzi uhlabane ngomklomelo weBest New International Act kumaBET Awards.
Abantu bakuleli babe sebesina bededelana, beshiya abangalazi emnyangweni. Nomnyango uthe ngeke uye phansi ungandlalelwe njengoba udalule ukuthi uke wakhokhela lo mculi isamba sikaR230 000 ngokunandisa emicimbini yawo ezinyangeni eziwu-14 ezedlule.
"UMnyango wezobuCiko,amaSiko nezemiDlalo uyakugxeka kakhulu ukuthi kuthiwe awumesekanga uMakhadzi. Ezinyangeni eziwu-14, uMakhadzi ubeqashwa wumnyango ukuba azonandisa emicimbini kazwelonke, ethola imali engangoR230 000."
Ithimba likaMakhadzi lithe uma libona lokho labhoka lakhahlela liphika lilala ngomhlane ukuthi uMakhadzi uke wathola uxhaso emnyangweni.
"Singakuqinisekisa ukuthi umnyango waqasha uMakhadzi ukuba anandise emcimbini obungoJuni 16 nowokugcotshwa kukaMengameli wezwe, okuyinto ayenzile futhi umnyango umkhokhele. Ubengaxhaswa kodwa ubekhokhelwa ngokunandisa kwakhe,“ kuphetha ithimba likaMakhadzi.