AKAWUVALI umlomo umculi we-Afro pop, uVusumuzi "Vusi Nova" Nongxa, ngesihe asenzelwe wumndeni wesihlabani esisanda kusishiya emhlabeni, uBulelwa "Zahara" Mkutukana.
UVusi Nova ufake i-video kwi-Instagram kuleli sonto wabhala ukuthi umndeni kaZahara umenzele into enhle kakhulu.
"Bangishiyele esinye sezigingci ebeziqoqwa nguye futhi bathi bayazi ukuthi ubezofuna mina ukuba ngibe naso. Ngiyabonga kakhulu," kuphetha uVusi Nova, esixebula isigingci.
UVusi Nova noZahara bebengomkhaya njengoba bedabuka e-Eastern Cape futhi bebengamathe nolimu kangangoba baze baqopha ngokuhlanganyela ingoma eyayithi: Usezondibona ngo-2018. UZahara udlule emhlabeni ngoDisemba nyakenye emuva kokungeniswa esibhedlela ngoNovemba exinwe wukugula.
Enkonzweni yomngcwabo kaZahara, uVusi Nova wathi ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokushona kwakhe ngoba uyena muntu obemqonda kanti naye ubesiqonda isimo sikaZahara.
UVusi Nova wabuye wancoma uZahara ngokukwazi ukuba nesifuba.
"UZahara uhambe nazo zonke izimfihlo zami. Nami ngiyamthembisa ukuthi ngiyoze ngingene ethuneni ngingazithanga vu izimfihlo zakhe."