UMCULI we-Afro Pop, Thokozani "Shakes" Ngema, uzifake emlandweni ngokuqamba ingoma evuma ubukhosi beNgonyama uMisuzulu kaZwelithini.
Njengoba iSilo simukeliswa ubukhosi baso ngokusemthethweni wuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uShakes uthe naye akaphonse itshe esivivaneni ngalo mucu. Echaza ngale ngoma, uShakes uthe uyiqambe ngenhloso yokutusa amagalelo eSilo bese ekhuza ukungaboni ngasolinye kubaNtwana beNgonyama esanda kubuza, uZwelithini kaBhekuzulu.
"Ngithe nami njengoba ngiwumuntu olithandayo isiko nobukhosi bakwaZulu, angiphose esivivaneni ngengoma ngoba kube yinhlanhla ukuthi sikubone ngamehlo ukubekwa kweNgonyama. Lokhu sasihlale sikuzwa masixoxelwa manje wonke umlando esasiwutshelwa ngabantu abadala, omunye wawo uyenzeka sibhekile. Njengombango wesihlalo, siyathola ukuthi isihlalo asikaze singabangwa emlandweni. ISilo saKwaDukuza sasibadla ngeklwa ababengahambisani naso." Eqhuba uthe amaZinyane eNgonyama kuthiwa aqedana ngeklwa eNdondakusuka kubangwa bona ubukhosi.
'Manje uma silalela abazi umlando nababekhona, sibe nenhlanhla yokuthi bakhuluma abakwaziyo ukuthi iNgonyama ibonakala kanjani. Njengoba kuthiwa iNgonyama, unina oyizalayo, uMntanenkosi walotsholwa yisizwe ngenhloso yokuthi iyona eyozala inkosana kaZulu.
Manje akukho-ke esingakusho thina njengabaculi ukuthi sibhale umculo ngento esiyizwayo nesiyibonayo yenzeka esikhathini esiphila kuso." UShakes uthe umphatha kabi umdonsiswano oqhubekayo kubaNtwana baseNdlunkulu
'Ingoma ikhuza umhlola owenzekayo eNdlunkulu kaZulu," kuphetha uShakes.
Le ngoma seyike yazihudula zonke izingoma ezidlala kwiGagasi FM njengoba ike yaphuma phambili. UShakes ngumculi oseke wamenywa nomfowabo, uSingil, e-United Kingdom eminyakeni eyedlule.