UGONYULUKILE ezinkundleni zokuxhumana ngobekwenzeka empilweni umculi wodumo lwengoma ethi: Phakade Lami, uNomfundo Moh.
UNomfundo ubhale ekhasini leFacebook, wavulela abalandeli bakhe isifuba ngezigigaba zempilo yakhe ezenzeka ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yakamuva. Ugcine ewususile umbhalo.
Ubhale kanje: “(Ukhwantalala /isithukuthezi) esiza emuva kokuqeda i-albhamu? Uvele uzwe sengathi ushonelwe. Angazi kodwa kubukeka sengathi yinto amaciko angakhulumi ngayo, okanye ingwadla ebhekene nami nje? Bozakwethu emculweni, nithini ngalokhu?”
Ekhuluma nephephandaba uthe isithukuthezi asihlangene nokuthi ufuna ukuba nengoma eyintandokazi kodwa kusuke kuyindlela azizwa ngayo emuva kokufaka wonke umfutho wakhe enza i-albhamu, bese ezizwa esele engenalutho.
“Akukona ukuthi nginenkinga ngaleyo ndlela kodwa ngithe angibhodle ngoba ngibona le nto ingangihleli kahle emoyeni. Ngenzela ukuthi namanye amaciko abone ukuthi yinto ekhona lena noma esihluphayo sonke,” usho kanje uNomfundo.
Uthe amaciko kumele azijwayeze ukuthola ukwelulekwa ngongoti. Kubukeka sengathi wunyaka wakhe u-2022 ngoba kukuningi akuzuzile. NgoMeyi uthole iziqu zeBachelor’s Degree in Social Worker abezenza eNyuvesi iKwazulu-Natal (UKZN).
Ngomcimbi wokugogoda kwakhe ithimba lakhe emculweni lamnikeza i-double platinum yengoma yakhe ethi: Phakade Lami, eyabukelwa ngabantu abangaphezulu kuka-9,5 million kwi-YouTube. Kuleli sonto kuvele ukuthi uthenge umuzi wakhe wokuqala.
UNomfundo uphethe ngokuthi uyabonga ukuthi unyaka kube ngowezinto eziningi ezinhle empilweni yakhe, wathi uthemba ukuthi no-2023 uzoqhubeka umlethele okuhle kodwa.