UNETHEMBA lokuthi mikhulu iminyango esazovuleka umculi wokholo uSifiso Mabuza othole ithuba lokubhulela amazolo isilomo saphesheya uBebe Winans.
USifiso (30) odabuka eMpumalanga kodwa osezinze eGoli, udle umhlanganiso kwinhlolokhono eyenziwe yiWorld Gospel Powerhouse ngokubambisana noMnyango wezobuCiko namaSiko eGauteng.
"Ngesikhathi amaCrown Gospel Music Awards ezokwenzeka okokuqala ngaphandle kwaKwaZulu-Natal, benze inhlolokhono yokufuna abaculi. Ngibone ezinkundleni zokuxhumana. Bengingazithembi ngithi kuzoba nenqwaba yabantu kodwa usisi wami wathi uzongiphelezela," kusho uSifiso osebenza emtapeni wolwazi eBoksburg.
Uthe ngokuwina kwakhe kwinhlolokhono uthole ithuba lokucula kumaCrown abengenyanga edlule eFNB Stadium. Uphinde wathola nenkontileka yokuthi iWorld Gospel Powerhouse neMirror PR, zengamele umsebenzi wakhe othinta umculo.
"Ngithole ucingo ehhovisi, bathi uBebe Winans uza kuleli futhi yimi ozomvulela. Ngijabule kabi ngimvulela eSunBet Arena nase-Emperors Palace. Kuyamangalisa futhi ngiyakholwa ukuthi impilo yami izoshintsha. Ukuwina le nhlolokhono sekungivulela amathuba nakhu manje ngibe sesiteji nomuntu omkhulu."
Uthe ngonyaka ozayo kunomculo azowukhipha futhi ngaphambi kwePhasika uzoqopha bukhoma.
USifiso uthe uqale umculo ngo-2015 ngemuva kokwamukela iNkosi.
"Ngangithi impilo yami izophelela ebholeni ngoba benginzima kodwa ngalimala eqakaleni. Ngangidlalela isikhungo iVUT (iNyuvesi yaseVaal) ngiyibamba phakathi nendawo emuva. Iphupho lami kwakuwukudlalela iKaizer Chiefs."
Uqhube wathi umngani wakhe owayehlala naye wammema ukuthi baye esontweni futhi naye enesikhathi ngenxa yokulimala wase eya.
"Umfundisi wathi uma ufuna ukwamukela uKrestu woza phambili. Umngani wami wangiphusha ngaya. Kwaba nendumiso yamadoda, kuyimi ngedwa omncane. Umfundisi wathi akuvulwe ngengoma, kwaba yimi oqalayo. Ngakusasa kuyisonto umfundisi wathi angiphinde futhi. Kwakukhona indoda okuthiwa nguThabo, wathi kukhona akuzwayo kimi owabe esengifundisa umculo ngingazi lutho," kusho uSifiso.