IZINGQUNGQULU emculweni wombhaqanga, i-Soul Brothers, zizogubha iminyaka ewu-48 ziyibambile endimeni ngochungechunge lwamakhonsathi KwaZulu-Natal.
Ogandaganda BaseNingizimu Afrika bazonandisa eHowick Town Hall ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku bese imbenge beyisonga eMbizo Conference Hall, eMpangeni ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.
Yize kuyizindaba ezimnandi lezi zokuhamba kwaleli qembu ibanga elingaka emculweni kodwa komunye wabasunguli balo, uDkt Moses "Black Moses" Ngwenya, kuvuka umunyu. Uthe okumphatha kabuhlungu ukuthi uzogubha le ngqophamlando ngaphandle kozakwabo asungula nabo Imitshotshovu Yoqobongoqobo.
UBlack Moses ukhuluma ngoZenzele Mchunu, David "Mdavu" Masondo, Themba American Zulu noTuza Mthethwa.
“Kunengoma esayiqopha ngo-1979 emuva kokulahlekelwa ngamalungu amabili, uTuza Mthethwa noMpompi Sosibo. Ukukhumbula uTuza Mthethwa, Zenzele Mchunu, American Zulu noDavid Masondo, le ngoma sizoyidlala okokuqala ngqa emuva kweminyaka singayiculi bukhoma.”
Nakuba kunjalo uBlack Moses uthe emanonini abazowaqhulula kula makhonsathi kubalwa elithi Bazobuya, Mama KaSibongile, Hluphekile, Mama Wami namanye akamuva.
"Noma yikuphi lapho sidlala khona lezi zingoma, abalandeli bethu bayajabula futhi bavukwe nawumunyu ngoba zibakhumbuza iminyaka eseyadlula. Abanye abalandeli bethu bathi umculo wethu ubakhumbuza abazali babo asebadlula emhlabeni."
UBlack Moses uthe kuyamjabulisa ukubona umthelela odalwe wumculo wabo.
Esephetha unxuse wonke umuntu ukuba ahlanganyele nabo kule migubho abayihlelile.
"Izethameli zizobhema zikholwe. Sifuna zibuyele emakhaya zisahalela impinda," kuphetha uBlack Moses obuye wasebenza noBlack Coffee engomeni ethi The Chameleon noMbongeni Ngema kwi-Stimela SaseZola naku-My Fohloza.
Lolu chungechunge luqale emcimbini obuseDumisani Masilela Theatre, eGermiston ngoMgqibelo.
EHowick, lapho kudabuka khona uMdavu, i-Soul Brothers izobe ihambisana neZimbali Zempondo kanti eMpangeni izobhulelwa amazolo yiqembu likamaskandi, AmaYellowbone.
Amathikithi okuthamela imicimbi aseyatholakala ngo-R150 e-Webiteckets nasezitolo zase-Pick n Pay.