MBALI KHANYILE
UMREPHA ongaconsi phansi kubalandeli bakhe, uveze ukunengeka kwakhe ngokushiwo inkampani yomculo ngaye ekhasini layo, le-Instagram.
UBig Zulu ukhulume neSolezwe ngeSonto, waveza lokhu ngemva kokuthi i-Ambitiouz Entertainment inameke umbhalo othi uphumelela ngabanye acula nabo ngukuhlanganyela. Inkampani inameka lomyalezo ngemuva kokuthi umculi ethule ingoma entsha ethi, 150 bars ezinkundleni zokuxhumana.
Umbhalo onamekwe ezinkundleni zokuxhumana ze-Ambitiouz Entertainment ububhalwe kanje: “Awunayo neyodwa ingoma evelele. Kahle, kahle nguwe olamba udle amanye amaciko,”
Ephawula uBig Zulu ngombhalo, uthe akafuni ukuzixaka ngento engenangqondo ebhalwe emakhasini ale nkampani.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi amaciko awakaze ajabule kuleyo nkampani ongibuza ngayo. Futhi alikho nelilodwa iciko elike lakhononda ngeNkabi Records,” kusho lo mrepha.
Lo myalezo awehlanga kahle kwabanye abalandeli base begxeka i- Ambitiouz Entertainment ngomyalezo ewunameke ekhasini layo.
U- Andile-035 uthe, “Okusalayo iNkabi Records ihamba phambili kunani,”
UMnotho Melusi-Mathaba ubuze ukuthi abe-Ambitiouz Entertainment baxakwe yini.
Ethintwa uKgosi Mahumapelo we-Ambitiouz Records, uthe kuwusiko emculweni womprepha ukuphawula uma kuvela igama lakho engomeni ekhishiwe.