UKUBA wusaziwayo kungenza abanye abantu bacabange ukuthi konke kuhamba kahle empilweni yakho.
Wukuqonda lokho ngempilo okwenze intandokazi ye-afro pop, uNomfundo Moh wadidiyela i-albhamu yayo yesithathu esihloko esithi 24, ukugubha iminyaka ewu-24 yazalwa, futhi ihlube udlubu ekhasini ngekufunde ngempilo kuze kuba yimanje.
Exoxa neSolezwe, uNomfundo Moh waseNdwedwe, uthe naye ufana nabo bonke abantu, ngakho kuyenzeka izinto zingahambi ngendlela afuna ngayo empilweni.
“Kule albhamu angijulanga kakhulu ngezinto eziningi, bengifuna ukuba yimina nje, ngiveze izinto ezinhle nezimbi engizifundiswa yimpilo, futhi ngenze kucace ukuthi nakuba ngidumile kodwa nami kunezinto engisalwela ukuzizuza empilweni,” usho kanje.
Le ntokazi ezohlanganisa iminyaka ewu-24 ngoJulayi 18, iveze nokuthi le albhamu igabe ngezingoma eziyishumi, kanti izoqala ukutholakala ezitolo zomculo ngo-Agasti 2, ukuqhakambisa inyanga yabantu besifazane ezweni.
Uthe uhla lwabaculi asebenze nabo kuyona uzolwethula maduze kodwa waqinisekisa ukuthi usebenze noZuko ashaya naye umucu othi Muntu Wami, uCassper Nyovest noMsaki abapike kwethi Umusa noNontokozo Mkhize ampike kwedidiyele abesifazane bodwa.
“Okunye engingakusho wukuthi kunengoma ethi Ngisayozama engikhuthaza kuyona abantu abasazama ukuhlanganisa izinto empilweni ukungadikibali kwabakwenzayo,” usho kanje.
I-24 iphrojuswe wuNaxion Cross noGavana, kanti yelama ama-albhamu amabili kaNomfundo Moh, okungethi Ugcobo yangonyaka odlule nethi Amagama azibule ngayo ngo-2022.