UMCULI kamaskandi osematheni kulezi zinsuku, uXolisani Mbeje, uziqhathe nabalandeli bakhe abangamalungu eqembu lepolitiki elingaconsi phansi kulezi zinsuku, Umkhonto Wesizwe Party.
UMbeje, wodumo lwengoma ethi: Ngasokel' Ubala, ukhwele wadilika kwiMK Party ethi izenza sengathi ilungile kanti ifuna ukuzodla imali.
"Uyayibona le nto okuthiwa iMK, uMkhonto Wesizwe, nakho uma kwawina, nakho kuyozithulela kuthi tu njengo (Mnuz Cyril) Ramaphosa.
“Okwamanje lokhu okuyiMK kusathobile, kwenza sengathi kulungile, kusafuna ukuvotelwa. Nakho kuyozithulela kuthi tu, kuzidlele imali. Zonke lezi zinto ezifuna ukuvotelwa, zifuna ukuzidlela imali. Uma sekuwinile kuyakushintshela," kuphetha uMbeje kwiTikTok.
Abalandeli abaningi bomculo wakhe basine bededelana besola uMbeje ngokudlala ngomlilo.
Bathe bebengenandaba ngamancoko akhe ahlale ewasho kodwa ngale nkulumo uzigxobe ngetshe ngaphambili.
Iningi lithe akathule uma engazi ukuthi uzothini ngoba usezimoshele ikusasa lakhe emculweni ekubeni esavele ngekhanda.
Abanye bamnxuse ukuba ayisuse i-video bese enza enye exolisa. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMbeje neMK Party ayiphumelelanga.