UMCULI wama-piano uMashudu Mosoeu usedalule ukuthi ukukwazi ukukhuluma nokucula ngesiZulu, ngenye yezinto ezimsize ukwandisa isibalo sabantu abathanda ubuciko bakhe, nokusize ukukhuphula nokukhulisa idumela lakhe emculweni.
Usho kanje engxoxweni neSolezwe, lapho eveze khona ukuthi nakuba kuyinto abengayinakile kangako, kodwa indlela umculo wakhe othandwa ngayo, ikakhulu izingoma azicula ngesiZulu, kuyakhombisa ukuthi nakuba ithalente lokucula likhona, kodwa kumsizile ukunamathela entweni efunwa ngabantu abaningi.
“NgiwumVenda kodwa ngenxa yokuthi ngiyaqonda ukuthi abantu abaningi ezweni bakhuluma ziphi izilimi, ngibone kukuhle ukuthi lokho ngikusebenzise emculweni wami ukudoba abalandeli, okubukeka kuthela izithelo kwanda abantu abangilandelayo,” kusho yena.
Eqhuba, uMashudu wodumo lwengoma ethi Mina Nawe, ayishaya noSoa Mattrix - avame ukusebenza naye emculweni, uthe ukusebenza kanzima nokukholelwa ebucikweni bakhe, ngenye yezinto ezimbeke lapho ekhona manje ngomculo wakhe.
Ukhuluma kanjalo nje, vele useqede konke nge-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Imvumi, ezophuma ngoNovemba 15, aveze ukuthi bekungelula neze ukuyihlanganisa ngenxa yokuthi usebenza ngokuzimela, ayikho inkampani emlekelelayo.
“Yingakho ngizinike isikhathi sokuqokelela konke kuze kufike lapho esengikwazi khona ukukhipha umsebenzi ophelele ngokwami, nawo engithemba ukuthi uzoqhubeka ungisize ukuvula iminyango, futhi ukhulise negama lami emculweni ngenxa yomculo omnandi nonomyalezo, namaciko engiwapikile kuwona,” kusho uMashudu odabuka eSoweto, eGoli.
Kule albhamu enezingoma eziwu-8, uMashudu usebenze namaciko okukhona kuwona uT-ManSA, Murumba Pitch, Bassie, Mthunzi, Shakes & Les, Tycoon, Brandon Dhludhlu, Kabza De Small, Happy Jazzman nomdidiyeli wayo omkhulu uSoa Mattrix.