KUZODELA umakhasana ozozibonela ngawakhe indumezulu yomqhudelwano wesicathamiya i-19th High Schools' Isicathamiya Choir Summit 2024 ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngoSepthemba 6 kusukela ngo-11 ekuseni.
Lo mncintiswano wezikole zaKwaZulu-Natal ugqugquzelwa yinkakha edume umhlaba wonke uChris Ntuli weDurban Black Drifters. Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe wumsakazi kaCothoza Mfana kuKhozi FM, uLee Hlophe, ozohlonishwa ngalolu suku.
UChris uthe lo mqhudelwano waqala ukwenziwa emuva kwezinkundla zokucobelelana ngolwazi ezazibizwa nge-Isicathamiya Music Workshop kusukela ngeminyaka yo-1990. Uthe waqala lo mbhidlango wokufukula umculo wesicathamiya ezikoleni, ebambisene nenkakha yemidlalo yeshashalazi, uCaroline Smart.
Eqhuba uChris uthe uyaziqhenya ngoba kule minyaka uvumbulule wathuthukisa abaculi abanjengeNyuswa Home Boys yaseBotha's Hill, Abafana Basentembeni eMelmoth, iMpumalanga White Birds yaseHammarsdale kanye nomculi kamaskandi uGlama Kamaskandi owayefunda eSobantu Secondary, eMgungundlovu.
Uthe lolu hlelo lwaze lwahlabana ngomklomelo weBasa Award ngamagalelo alo ekuthuthukiseni umculo kacothoza entsheni yakuleli.
Uthe inhlosongqangi ngalolu hlelo wukucija intsha ukuze ingahlangani nemikhuba engasile enjengezidakamizwa.
UChris akasiyo imfundamakhwela endimeni yomculo njengoba yena neDurban Black Drifters bewuzungezile umhlaba, behambela amazwe anjengoFrance, Belgium, Norway, Canada, USA, China, Japan. Baze babamba iqhaza emdlalweni weshashalazi owawubhalwe yinkakha yase-USA, u-Emill Thrower nowakhonjiswa naseBroadway Theatre, osihloko sithi Hurricane Katrina.
UChris wabuye wasebenza neLadysmith Black Mambazo e-albhamini ethi Ukuzala Ukuzelula nethi Thuthukani Ngoxolo. Wabuye wasebenzisana noMsizi Shabalala waMambazo ukuhumushela uPaul Simon lama cwecwe.
UChris wabuye wavela naMambazo emdlalweni woMntwana uNjengabantu Zulu owawuthi King Cetshwayo.
Phakathi kwezingwazi ake wasebenza nazo kubalwa u-Aerto Moreira waseBrazil, uDkt Madala Kunene, Sipho Gumede, Busi Mhlongo noJabu Khanyile.
Amaqembu azobe encintisana ngalolu suku ayobuye ashiyelane inkundla noDkt Madala Kunene.
Esephetha uChris unxuse izinkampani neminyango kahulumeni efuna ukuxhasa lolu hlelo kanye nezikole ezisafuna ukubhalisa ukuba zimthinte ku-073 301 6740. Ukubhalisa kugcina ngoLwesithathu.