UMCULI wokholo uLindani Gumede uthi ozakwabo kumele bangasabi ukwenza ezinye izinhlobo zomculo, ukuze kuzovuleka amanye amathuba.
ULindani ukusho lokhu emuva kokuqokwa emunxeni weBest Collaboration kumaSouth African Afro Music Awards (Saafma), ngengoma ayenza ngokuhlanganyela noZandie Khumalo, ethi Akwanele.
Baqhathwe nodadewabo kaZandie Khumalo, uKelly ngengoma apike kuyo uMondli Ngcobo ethi Ngathwala Ngaye, Somizi noVusi Nova ngeNtandane, Berita no-Amanda Black ngenoni elithi Siyathandana noVusi Nova noDumi Mkokstad ngethi Yibanathi.
"Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kule miklomelo. Kusho ukuthi uyabonakala umsebenzi esiwenzayo futhi nabantu bayawujabulela. Empeleni lokhu kungikhuthaza kakhulu ngoba kangikaze ngenze ingoma enje kodwa ngendlela okwenzeke ngayo kuvuleka iminyango eminingi ngendlela engithusayo," kusho uLindani ophinde abe ngumdidiyeli womculo.
Uthe uzimisele ngokuthi baqhubeke benze ezinye izingoma noZandie ngoba kuyamcacela ukuthi abantu bayakuthokozela abakwenzayo.
"Uma ungumculi kumele ungazimpintsheli ekhoneni, uthi wena wenza umculo othile. Ikhono kalipheleli ekuculeni umculo wokholo kodwa inkinga yethu sivele sifune ukwaziwa ngawo kuphela. Abenze nozakwethu banganqeni, inqobo nje uma kuwumculo onomyalezo ngoba nalokho kuzobe kusewukuqhuba umsebenzi kaNkulunkulu. Nangu uDumi Mkokstad engomeni esayenza naye ethi Ziphozenkosi . Abenze nabanye," kusho uLindani.
Uveze ukuthi njengamanje umatasa estudiyo upheka i-albhamu yakhe ezophuma cishe ezinyangeni ezimbili ezizayo.
AmaSaafma, okuzoba ngawesithathu ekhona, azoba seBirchwood Hotel eBoksburg ngoMeyi 22.