UKUGXEKWA nangokusolwa kwabaculi ngokufudumeza izingoma into angazimisele nokugxila kuyo umculi wokholo waseThekwini osanda kukhipha i-albhamu. UThinah Zungu odume ngokubhala izingoma ezithinta umphefumulo, ngoLwesihlanu olwedlule ukhiphe i-albhamu ethi iNdumiso yaseStezi. Abantu esebethole ithuba lokuzwa ezinye zezingoma zakhe bebemgncofa nozakwabo ngokufaka nezingoma ezijwayelekile eziculwa amabandleni ahlukene.
"Kulaba abathi siyafudumeza kuzoya ngezimfuno zabo nokuthi bathandani nokwenza sibe abaculi abaningi abehlukene. Kukhona ababizelwe ekwenzeni lezi zingoma ezijwayelekile neziculwa njalo. Into ebalulekile ukudlulisa umyalezo, ngifisa abantu bazi ukuthi ukucula sikwenzela bona kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu. Kuwumsebenzi womculi ukulalela umyalezo uNkulunkulu amdlulisela wona bese ebhala. Kuyenzeka kube nomuzwa wokubuyisa endala ngokwembulelwa ibuye nomyalezo omusha ngendlela yami," kusho uThinah.
UThinah kule albhamu usebenze kakhulu nendodana yakhe eshisa izikhotha endimeni yomculo uNdumiso Zungu ashaya naye izingoma ezine. Uphinde wasebenza neBig Nuz kanjalo noJumbo nabo abangabanye babaculi abangaconsi phansi ebantwini.
UThinah waziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nangamahlaya ngomuzi wakhe oyisitezi ahlale ejova ngawo abalandeli sakubachomela. Ngesikhathi ememezela isihloko sale albhamu abantu bazitshela ukuthi usaqhulula wona amancoko. Echaza ngalesi sihloko uthe akakhulumi ngomuzi wakhe kodwa ubabaza udumo oluphezulu lukaNkulunkulu.
"Kuyindumiso ephezulu ebuyisa ithemba nokubonga uNkulunkulu. Yiwona myalezo engifisa ukuwudlulisa kubantu ngale albhamu,"kuchaza uThinah.
Ephetha uThinah uveze ukuthi ukuba umfundisi we-Ark Fellowship Church eseNanda, ngenye yezinto ezimkhulisile nafisa ukuthi abantu bakhuleke bajule ukubonga uNkulunkulu ngokudlula kuzona zonke izimo zempilo. Ngo-Ephreli 8 uzoqopha ivideo yenye yezingoma zakhe ethi uMthandazo nahlele ukunikeza abalandeli ithuba lokubonakala kuyo.