ISIHLOKO: Bengithi Uyazidlalela
UMCULI: UKapteni
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UMA wawuzifela ngoshuni weKhansela NoJBC, nomakanjani uzoyithakasela i-albhamu kaThobani "UKapteni" Mhlongo ngoba uwunamathelile.
UKapteni yinsizwa eyasebenza kakhulu noKhansela Mkhize kwaze kwaba uyedlula emhlabeni. Ngakho akafuniseli ngoshuni kaKhansela. Uwazi njengoba ezazi. UKapteni uqale ephelezela iKhansela ngephimbo futhi wagcina esehola elinye lamaqembu alo, Ikati Nezethenjwa. Uqale ukuvelela emculweni nge-albhamu eyayithi Ubhubhane nethi Umbayimbayi.
Kusukela lapho akabange esabheka emuva njengoba kulo nyaka ekhiphe icwecwe elivutha bhe elisihloko sithi Bengithi Uyazidlalela.
Engikuphawulile kule albhamu ukuthi ibophele izingoma eziningi zothando nezokholo. Kwezothando kukhona ethi Bengithi Uyazidlalela, Ngithuka Sengifona, One Night Stand nethi Amagam' Amabili kanti kwezokholo kubalwa ethi Nkosi Ngenelela, Luqinile Ukholo, Imihla Yami nethi Ngiyokhoselaphi Na.
Engomeni ethi Iziphepho, uKapteni uyazishingela futhi ugadla kubaculi abanga nabo ushuni weKhansela. Ngiyithandile ethi Sikhuza Impi ngoba iwushuni womaskandi baphesheya kweNciba e-Eastern Cape.
Umqondo omuhle lo oqhamuke noKapteni ngoba uzomakhela ugazi nakwabanye abalandeli. Uma ungajwayelene noKapteni akulula uqonde ukuthi ukhuluma ngani eculweni elithi Khuphuka Phakama. Yize uKapteni ecula zonke izindlela kodwa isigingci usidlalelwa wuNhlanhla Ngwane kanti inkositina ivulwa ivalwe wuMboneni Zimba.
Isigingci sebhesi nama-keyboard kudlalwa wunjiniyela, uKhehla Nkosi. Uphrojusa wawowonke lo msebenzini ngaphansi kweSigweje Music neMizamo Yethu Music wumfo kaChiya, naye owayesondele kakhulu kwiKhansela.
Ngakho uKapteni ubhukule kule albhamu. Nomakanjani uzobhema ukholwe.