AKWAZIWA ukuthi bazomisa kanjani abathandi bobumnandi njengoba imicimbi inguchithisaka ngale mpelasonto eyandulela uKhisimusi.
NAMUHLA
Iteku nembadada kuzoqala ukuhlephuka kwiJozini Dam Music Festival eMalangeni Lodge, eJozini namhlanje kusukela ngo-1 emini. Kuzobe kusina kudedelana uMthandeni SK, Khuzani, Sminofu, Ntencane, Gatsheni, Shwi, Qwabe Twins, Jaiva Zimnike, Mjolisi, Umafikizolo, Saliwa, Mayoghurt, Mdumazi, Thandeka Hadebe, Inkosi Yamagcokama, Indoni, Gandaganda, Ithole Lendidane nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuMashudula, Quality Biyela, Skinkili, Mbeje, Bingelela noDesire. Yize kungenwa mahhala kodwa izicukuthwane zikhokha u-R400.
Abanye bazolibangisa kwiNdwedwe Music Festival eNsuze Sportsground lapho kuzobe kusina kudedelana khona uNtencane, Mthandeni SK, DJ Tira, DJ Sox, Dladla Mshunqisi, Jumbo, Maganga, Mgqumeni Gcabashe, Modelikazi, Amatycoolr, Lihle Xhakaza, Mafikizolo, DJ Mngadi, DJ Mpilo nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuNgizwe Mchunu, Menzi Mafuleka, Xoli Mdima noFanqe Ngidi. Nakulo mcimbi kungenwa mahhala.
KUSASA
Amabombo azobheka kwiVuma Maskandi Music Festival eVuma Sportsgrounds, eShowe kusukela ngo-10 ekuseni. Kule ndumezulu kuzobe kunandisa uMthandeni SK, Khuzani, Nomfundoh Moh, Sykes, Ntencane, Gatsheni, Jumbo, Mzukulu, Luve Dubazane, Sminofu, Mayoghurt, Inkosi Yamagcokama, Dumakahle, Sgwebo Sentambo, Qhosha, Ndoni, Mlabalaba, Mjabulisi, Limit, Mjolisi, Dizaster, Thokozani Langa, Bonakele, Thandeka Hadebe, Sodulasi, AmaYellow Bone, Incwasimende, Mphumzeni Xulu, uBhekeni Wezinsizwa, Cevuzile, Bahubhe, Khetha nabanye.
Amathikithi atholakala eSpar, Shoprite naseTicketPro ngo-R100, R150 nango-R700. Zizobe ziphenduka kwi-Big 5 Music Festival eMakhasa Stadium, KwaMduku kusukela ngo-12 emini. Kuzobe kunandisa uNtencane, Gatsheni, Mjolisi, Navigator, Dr Buselaphi, Thandeka Hadebe, Sminofu, Thinah Zungu, Ndumiso Zungu, Jumbo, Fihliskhwele, Bahubhe, Imfezemnyama, Limit, Mlabalaba, Falabo, Unjoko, Lungelo Hlongwane, Ndoni, Jaiva Zimnike, Muntuyenziwa, Amageza Amahle, Cevuzile, Uqoqa, Imiyezane, Skhenqe, Inkosi Yamagcokama, Qalindaba, Mkhathazi, Amavukelambuso, Njabulo Langa, DJ Zaizo, Umzukulu Kashafuza, Luve Dubazane, Mayoghurt, Mabhungu Ayamfoqoza, Umafikizolo nabanye.
Abaphathi bohlelo ngoZimdollar, Modelkazi, Mashudula, Mtshali Ongenamoto, Skhinkili, Msakazi Ongadumile, MaGumede Wenu, Sthwathwa, KissBefore noMfanuphetheni. Amathikithi atholakala e-TicketPro nase-Computicket ngo-R100. Ziyahephena kwiDA Chillers 6th Birthday Celebration eDA Chillerz Lounge oLundi lapho kuzobe kunadisa khona iMajor League DJs, Sir Trill, Mthandeni SK, Mzukulu, Mayoghurt nabanye. Ziyawa ziyaphohloka kwi-3rd Somnandi Music Festival eMangosuthu Airport oLundi kusukela ngo-1 emini. Kuzobe kunandisa uThokozani Langa, Babes Wodumo, Khuzani, Ali Mgube,Mzukulu, Luve Dubazane, Mashelela, Mlabalaba, Qwabe Twins, Bonakele, Mthandeni SK, Gatsheni, Ndoni, Stability, AmaYellowBone, Njabulo Langa, Gadla, Shwi, Jaiva Zimnike, Menzi, Imfezemnyama, Jumbo, Intaba YaseDubai, Malahlethole Lendidane, Ithwasa Lekhansela, Ibhova Elincane nabanye. Amathikithi atholakala eShoprite Checkers naseComputicket ngoR100 nangoR500.
Kuzobe kuhlephuka imbadada kwiNgeke Sibayeke Music Festival eThusong Centre, eNhlazuka kusukela ngo-9 ekuseni. Kuzobe kunandisa uNtencane, Mbuzeni, Phuzekhemisi, Ithwasa Lekhansela, Igcokama Elisha, Ichwane Lebhaca, Imithente, Gadla Nxumalo, Abagqobhi, AmaYellow Bone, Omkhaya, Ray Ndosi, Bahubhe nabanye.