UVUSELELE abalandeli bakhe ngomyalezo owakhayo umculi wokholo wakuleli waphinde wabavezela indodakazi yakhe okokuqala.
UDumi Mkokstad ufake isithombe sendodakazi yakhe ekhasini lakhe lakuInstagram sihambisana nombhalo obonga uMdali.
Uthe: “Ngabe ngafa kudala kodwa ngisaphila. Namhlanje ngiwuBaba futhi ngiwuMkhwenyana ngomusa kaNkulunkulu”.
Uqhube wathi konke lokhu kwenzeka ngoba umoya oyiNgcwele wamhlebela ukuthi yena ungowecebo.
Ube esetshela abalandeli ukuthi uma usaphila kusho ukuthi usangaphansi kwecebo likaNkulunkulu.
“Uma nje usaphila usekhona kwicebo likaNkulunkulu. Abantu bangasho noma yini abafuna ukuyikhuluma, abanye bakholwe yinoma yini abafuna ukuyikholwa. Akuyona indawo yakho ukuthi ubaphikise ngoba umbhali nomphelelisi wempilo yakho uyakwazi futhi uyena ozokulwela,” usho kanje.
Phakathi kwabalandeli abahlabeke umxhwele ngalo myalezo kubalwa uNonhlanhla Mondlane othe: “Ngaphandle kwakho Baba..Leli culo nelithi Ulwandle lingifikisela ngezinyembezi. Impela sibonga iNkosi ngawe mfowethu”.
UDumi oseke wahlomula ngezindondo ezibalulekile emculweni uphethe ngokuthi baningi abantu ababethelelwa izinto abangazenzanga, abanye bakhohlwe ukuthi kukhona owabethelelwa thina.
Unkosikazi wakhe, uDkt Ziphozenkosi, usanda kumhlonipha ngendondo yokuba ngubaba oqavile ngenxa yothando nokumeseka ngesikhathi ezithwele ngo-2022.