UMAKADEBONA kwezomculo uDJ Kotin usedalule ukuthi ukwesabela ukukhipha umculo omningi, bese ungathandwa ngendlela afisa ngayo, iyona into edale ukuthi kuze kuphele iminyaka ewu-14 afika kule ndima, kodwa engakaze akhiphe ngisho i-albhamu eyodwa yomculo wakhe.
Usho lokho ekhuluma neSolezwe ngengoma yakhe esematheni kulezi zinsuku ethi Intozami, ephume ngenyanga edlule, napike kuyona amaciko asafufusa endimeni, uNjolour noKayzee Musiq.
“Umculo wami ngiwuhlonipha kakhulu ngakho angithandi ukuthi uphelele emoyeni, nokuthi vele nginekhono lokukhipha umculo ongaphuphi kalula, yingakho namanje ingakabi bikho i-albhamu yami yomculo, ekubeni nginenqwaba yomculo wami olungele ukukhishwa kodwa engingakawukhiphi namanje,” kusho uKotin.
Elandisa ngeNtozami, uthe yingoma akhuthaza ngayo abantu ukuthi kube khona abakwenzayo usuku nosuku, kungaba wukusebenza, ukufunda nanoma yini enye enhle ezosiza ukuthi babe namandla okuziphilisa nemindeni yabo.
“Iyona ngoma lena esengithembe ukuthi uma yenza kahle, mhlawumbe igcine idayisa ize ifike kwigolide noma i-platinum, ngizobe sengikwazi ukukhipha i-albhamu yami yokuqala esengiqede konke ngayo. Esengikulindile ukuthi abantu bayithande ngale ndlela engifuna ngayo, ukuze ngikwazi ukubanika i-albhamu yami yokuqala ekuqaleni konyaka ozayo,” kusho yena.
Uthe le albhamu aseyiqambe nesihloko ngokuthi Nobantu, okuyigama likagogo wakhe, ahlose ukumhlonipha ngayo futhi embonga ngokumkhulisa nangokumfundisa impilo.
Uthe uma igcina iphuma le albhamu izobe igabe ngezingoma apike kuzona uSykes, Skye Wanda, Mondli Ngcobo, Fezeka Dlamini, Babes Wodumo, Tipcee, Drega, Skillz noZanda Zakuza.
U-DJ Kotin (40) udabuka eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal. Igama lakhe lokuzalwa wuSiyabonga Zikode, futhi unesitebele somculo iKotin Records, agqamise ngaso uSithelo ngo-2018. Ezinye izingoma aziwa ngazo ngezithi Somandla, Thando, My Love nebidlisa kakhulu ngonyaka odlule ethi Hello.