UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, uthole ingqayizivele yethuba lokushiyelana inkundla nengwazi yaphesheya, uBebe Winans ochungechungeni lwamakhonsathi aseNingizimu Afrika.
UPhindi P, osakaza uhlelo lwangezintathakusa phakathi nezinsuku, Ulibo Lokuqala, uzonandisa kwi-It All Comes Down To Love Tour eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoDisemba 9.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngumgqugquzeli walo uchungechunge, uThulani Maphumulo weYonke Imizamo Productions naye uPhindi P.
Lo msakazi odabuka eZinqoleni usanda kuqokwa kumaTexas Gospel Music Excellence Awards nakumaCrown Gospel Awards futhi usanda kukhipha i-EP esihloko sithi I Believe egabe ngamanoni athi Moya Ngilambele Wena (ayicula noDumi Mkokstad), You're God (ayibhalelwe wuDr Tumi) nethi Ngizocasha.
Emcimbini uPhindi P uzobhulela amazolo uBebe noJudith Sephuma wodumo lwezingoma ezithi A Cry A Smile A Dance, Mme Motswadi, I Am A Living Testimony Le Tshephile Mang, I Remember, Through It All namanye amaningi.
U-Judith akaziwa ngezingoma ze-jazz kuphela kodwa nasemculweni wokholo usenabalandeli. Amakhonsathi kaBebe azodlulela eGrand Arena, eCape Town ngoDisemba 15 nase-SunBet Arena Time Square ngoDisemba 16 kulo nyaka.
Uthe ukujabulele kakhulu ukunikezwa ithuba lokujoyina ingwazi yomculo wokholo ne-R&B.
U-Bebe ngumculi osedayise amakhophi omculo angaphezu kuka-20 million emhlabeni jikelele, wawola izindondo eziyisithupha kumaGrammy Awards, ezilishumi kumaDove Awards, eziyisithupha zeStellar Awards, ezine kuma-NAACP Awards nezintathu zeSoul Train Music Awards.
U-Bebe udume ngamanoni athi Lost Without You, Up Where We Belong, In Harms Way, It's OK, This Song, Close To You, Coming Back Home, I Wanna Be The Only One namanye amaningi.
UThulani uthe zonke izinhlelo ngomcimbi sezimi ngomumo.
Amathikithi aseyatholaka eTicketPro, Spar nase-PayZone ngemali esukela ku-R490 kuya ku-R1 490.