UDINGAAN "DSK" Khumalo, usengene emculweni kanti benozakwabo uSihle "Bhubesi" Shabalala, bazokhipha umucu kungekudala.
Echaza uDSK olingisa indawo kaJames Motsamai kuMuvhango, uthe uzizwa eshaywa wuvalo futhi enokujabula uma ecabanga ngalolu hambo olusha aseluqalile. UKhumalo noShabalala bazibiza ngoDSK & Bhubesi, kanti yize umucu ungakaphumi kodwa ungase udlisele ezinye izingoma zokujuxuza ogageni.
"Nginethemba abantu baseNingizimu Afrika bazoyithanda ingoma futhi bamukele uDSK & Bhubesi ngezandla ezifudumele," kusho uDSK owaqala ukwaziwa esenguDingaan kwiGenerations, ngaphambi kokwethula uhlelo lwethelevishini oluthi Mamazala kwiMoja Love.
Uthe nakuba eqale manje ukwenza umculo kodwa bewuhlale ugijima egazini lakhe.
"Ngiyazi ukuthi yinto yokugcina abantu akade beyilindele kimi kodwa hheyi, umculo bewuhlale usemithanjeni yami kusukela ngisemncane. Ngithe ake ngenze izinto ezizongijabulisa emoyeni."
UBhubesi uthe useneminyaka engumrepha futhi esheba ukulingisa nomculo kanti useke wasebenza noSjava, Emtee nomlingisi weScandal uSlindile Nodangala.
"Yebo kungaba khona ingcindezi kubalandeli bami bomculo we-hip hop kodwa ukuguquka kwesigqi kuzokwamukelwa ngabantu. Ngithe kulokhu angiveze elinye ikhono. Ngiyazi abalandeli bami balindele ukuba ngibakhiphele umsebenzi omusha. Ngiyethemba futhi ngiyakholwa bazosijabulela lesi sigqi sama-piano," kuchaza uBhubesi.
Useke walingisa kwiSibaya, The Queen, The Last Days in American Crime nakwiGetroud Met Rugby.
Uchazile ukuthi akubanga lula ukushintsha izinhlobo zomculo kuhle kwamasokisi.
"Kodwa ngamava okwazi ukuthi inoni lengoma liphekwa kanjani, kuvele kwaba lula njengommese obukhali usika ibhotela. Ungakhohlwa ukuthi nokusebenza nosondonzima onguDSK akubanga yinto elula. Amava esenginawo enze kwasebenzeka kamnandi futhi sakwazi ukuqhamuka nezinhlamvu zengoma ezichaza abaningi."
UBhubesi uthe unethemba lokuthi abathandi bomculo bazobe bejuxuza ngoGabadiya ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
"Ingoma eyisigubhu engibeke wonke amathemba ami kuyo," kuphetha uBhubesi.