WILLEM PHUNGULA
SEYINYUKELE kwelinye igiya impi ephakathi kukaNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa nomculi wekwaito u-Eugene Mthethwa.
Lo makadebona emculweni usemkhankasweni wokuxoshisa ungqongqoshe njengoba ematasatasa ezinkundleni zokuxhumana enxenxa umengameli wezwe ukuba akhombe ungqongqoshe indlela eza ngayo.
U-Eugene uyilungu leqembu lekwaito iTrompies aphinde ahole inhlangano yabaculi iSouth African Music Industry Council. Yize impi yakhe nongqongqoshe isuka kude kodwa seyidlulele kwelinye izinga njengoba esezama ukumxoshisa. Akananazi ezinkundleni zokuxhuma ukuthi kumele umengameli amxoshe uMthethwa.
Uthi eminyakeni eyisikhombisa eqhoqhobele le sikhundla akukho akwenzele abaculi, wabe esemfanisa nento efile.
Uwaphindile amagama akhe ngesikhathi enengxoxo nesiteshi i-Newzroom Afrika.
Ephawula ngalokhu uThokozani “Tzozo” Zulu ongumholi wamaciko KwaZulu-Natal, uthe kumshaqise kakhulu okushiwo u-Eugene ngongqongqoshe.
Uthe uMthethwa ubengungqongqoshe wokuqala ukwakha inhlangano eyodwa emele yonke imikhakha embonini yezobuciko, iCCFSA.
UT’zozo uthe yize abaculi bengeneme ngemigomo yezentela abayibekelwe uhulumeni ngesikhathi befaka izicelo zezibonelelo ngokuvalwa kwezwe kodwa bebesasebenza kahle nongqongqoshe ukulungisa isimo.
Uthe ukholwa ukuthi u-Eugene unempi yakhe yedwa nongqongqoshe engahlangane namaciko.
Uthe bekufanele ngabe uqale waxoxisana nabo ukuzwa uvo lwabo ngaphambi kokuba akhankasele ukuxoshwa kukangqongqoshe.
“Kuyasixaka okushiwo u-Eugene. NgoDisemba besinaye engqungqutheleni yokwakha imigomo yeCCFSA ayingxenye yayo. Nguye owayephethe uhlelo kukhona ungqongqoshe noNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, kodwa akazange asho lutho,” kusho uT’zozo.
Akukhona okokuqala la madoda akwaMthethwa ebhekane ngeziqu zamehlo. Ngo-2019, emngcwabeni kamadebona womculo uDan Ntshanda, u-Eugene kuthiwa wamemezela ukuthi uthole ngezinhloli ukuthi angawuhambeli umgubho we-ANC wokuqeda iminyaka ewu-107 ngoba ungqongqoshe umkhandele itulo lokumsoconga.
Ungqongqoshe waphuthuma enkantolo wafaka amaphepha okwehliswa isithunzi ngu-Eugene, wagcina ngokwehlela ngezansi waxolisa lo mculi.
Kuwo lo mngcwabo u-Eugene kuthiwa wathi isizathu esenza uNgqongqoshe Mthethwa amzonde yingoba utshele umengameli wezwe ukuthi ungqongqoshe uxhaphaza imali yabakhokhi bentela benoTony Kgoroge owayengumholi weCCFSA ngalelo sikhathi.
*ake silinde comment kaMasechaba.