I-JOYOUS Celebration izoqopha i-albhamu yayo yesi-27, esihloko sithi Hope & Victory, eVista Arena, eBloemfontein, ngoMgqibelo izinhliziyo zibuhlungu njengoba ishiywe ngelinye lamalungu aqavile aleli qembu, u-Eric Pheli Moyo.
Ngokwesitatimende esinamekwe ezinkundleni zokuxhumana zaleli qembu, uMoyo (42) obedabuka eZimbabwe, ushone emuva kokugula isikhashana ngoLwesithathu.
Yize kungamahlebezi asabalele kodwa angaqinisekisiwe, kuthiwa uMoyo ushonele esibhedlela saseGqeberha, e-Eastern Cape, ngenxa yokopha ebuchosheni kulandela ukuwa esteji kade ecula komunye umcimbi obukuleli dolobha ngalolo suku.
"Ukudlula kwakhe emhlabeni kuvule imbobo ejulile emndenini weJoyous. Umlando wakhe uyohlala njalo ngenxa yomculo wakhe othinte izinhliziyo zabantu abaningi futhi wadlala enkulu indima emculweni wokholo."
Siqhuba isitatimende sithi akulahlwa mbeleko ngakufelwa.
"Yize sikhala ngokushona kwakhe, asigubhe impilo yakhe neqhaza abelibambile kwabebesondelene naye. U-Eric Moyo engaqhela eduze kwethu kodwa umoya wakhe uzophila ingunaphakade ngenxa yomculo awenzile."
Leli qembu libe selidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMoyo nakubangani kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso.
"Siyaxhumana nomndeni futhi sizonazisa nemininingwane ngezinhlelo zomngcwabo emakhasini ethu asezinkundleni zokuxhumana ngokushesha uma umndeni sewusazisile ngazo."
Ikhono likaMoyo lahlonzwa nguLindelani Mkhize ngo-2014, maqede wajoyina iJoyous Celebration 18.
Ucule kuleli qembu waze waficwa wukufa ngoDisemba 20, 2023. Ngaphandle kokucula itena nangokugila izimanga esteji, uMoyo ubaziwa kakhulu nangomswenko.
Amanoni azokhunjulwa ngawo uMoyo ngathi Jesu Akandinakira, Kukhon' Igama, Na You Be God, Atawele Olonga Motema namanye.