INDODAKAZI kasomabhizinisi ophinde abe nohlelo oluqhakambisa isithembu, uThando Nesthembu, uMusa Mseleku, ithi ike ilale ingadlile yize inonina abayinqwaba noyise ephila ntofontofo.
USne Mseleku kulezi zinsuku uwundabamlonyeni njengoba evutha bhe ngolaka ezinganeni zakwabo ohlelweni Izingane Zesithembu. Uvele aziyoce aze akhale izinyembezi. Kulokho kukhala, uhlale ebalisa ngokuthi yena ukhishwa inyumbazane. Athi nezingane zakwabo zimbukela phansi ngoba nakhu engafundanga. Esiqeshini sokugcina, uSne ucishe wabambana ngezandla nomfowabo uLwandle obekhala ngokudelelwa wuSne. Nodadewabo u-Abongwe ubethi akamqede.
Ekhuluma kwiPodcast About Nothing, uthe ukukhala kwakhe njalo kulolu hlelo yinto ejule kabi. Uchaze ukushiywa wunina eseneminyaka ewu-12, njengenye yezinto ezihlale zimenza abe neminjunju bese eba nolaka akhale.
Uthe uMaCele, okuwunina omdala, uyena yedwa omkhathalelayo. Uthe uMaNgwabe noMaKhumalo bona abamfuni futhi abanandaba naye.
"Ngasithola kancane isikhathi sokuhlala naye KwaMashu kanti usezoshona." Uthe okubuhlungu ukuthi unina akazishonelanga kodwa usola ukuthi kwaba yisandla somuntu.
Uthe okwenza uMaCele amnakekele ukuthi unina wamshiya ezandleni zakhe ngesikhathi esezoshona.
“Mina ngike ngilale endlini, ngingazi ukuthi ngizodlani (ekubeni bekhona).”
Eqhuba uthe akamsoli uyise ngokuhlale emthethisa, uthe akukhona ukuthi uyamhlukumeza kodwa uyena uSne obemchukuluza ngokungamhloniphi.
USne uthe ubevamise ukuthatha yonke imali yesibonelelo sezingane zakhe, ayidle emajoyintini nabangani.
Uthe le mali uyihlanganisa nomholo awuthola ngokuvela ohlelweni Izingane Zesithembu.
"Ngivele ngizisole sengiyibhubhudle yonke imali,“ echaza.
Echaza ngobudlelwano bakhe nodadewabo uMpilo, uSne uthe abukho ngoba uhlale emvakashela uma esemakhaya kodwa avele amfice efake ama-headphone, engenandaba nokuvakasha kukaSne.
"UMpilo uwumbombayi (fake)."
Yize ethe uyazifela ngo-Abongwe kodwa uthe bahlale bexabana.
Abantu bamshayele ihlombe uMaCele ngokuba wumzali oqotho kuSne kodwa bathi uSne sekufanele abuyele esikoleni ngoba usemncane futhi akayeke ukugxeka abanye abantu ngamaphutha akhe. Bathe akavuke azithathe khona ezokwazi ukuzimela futhi axegise ekuthembeleni emadodeni njengoba ethe unendoda entsha emphethe kahle.
UMseleku wake watshela leli phephandaba ukuthi into eyona ubudlelwane bakhe noSne, wukuthi akanandaba namathuba abalulekile amnika wona empilweni. Wamnika umsebenzi, uSne wayeka ukusebenza. Esikhundleni sokufunda ephutheni lokuthola umntwana, wakhetha ukuthola omunye wesibili.