UKUDLEBELEKA kwentsha kuholela ekutheni yenze izinto ezingalungile futhi icwile nasezidakamizweni, ngenye yezinto ezikhathaza ilungu lomphakathi laseMkhambathini.
Umfikele kanjalo uMvusi Gwala umcabango wokwenza umncintiswano womculo wokholo endaweni yangakubo, ukuzama ukuqoqa izingane zikhuthalele amakhono azo.
Elandisa Isolezwe ngalo mncintiswano, uMkhambathi Gospel Icon24, ozoba soPhokweni Community Hall ngo-Okthoba 12, uthe sebeqalile ukwamukela izicelo zentsha yendawo efuna ukungenela njengoba sebewu-21 asebebabhalisile.
“Ngalo mncintiswano sihlose ukuvuselela umculo wokholo endaweni, sisize izingane zendawo ezinekhono lokucula ukuba ziveze amathalente azo, okungazisiza ukuwathuthukisa,” usho kanje.
Emcimbini kuzonandisa abaculi bowokholo okubalwa kubona uSgwili Zuma, Mbuso Sibisi, Sli Gwala, Bhekithemba Ngidi noNkosi Mngwengwe ukusiza abazobe bencintisana ukuze bakhuthazeke uma bebabona.
“Ngibeke umklomelo kaR8 000, okuzothi onqobile athole uR4 000, uR3 000 olale isibili noR1 000 kozolala isithathu. Ngithe angiqale ngalokhu okuncane ngethemba lokuthi kuzothi abanye ababonayo bahlabeke umxhwele, balekelele ekutheni sikhule siqhubekele phambili,” kusho uMvusi.
Umcimbi uzoqala ngo-9 ekuseni, futhi kuyobe kungenwa mahhala, kanti uhlelo luyobe luphethwe wuMhlophe Gwala.