NGOKUYWAYELEKILE usuku lokugcina onyakeni lusetshenziswa ngabantu ukujabula nemindeni yabo, bahlukanise unyaka futhi babonge ukuthi unyaka uphela besaphila, belungela ukungena komusha.
Wukuqaphela lokho okwenze uMnuz Sibongiseni Mbambo waqala iMayine Crossover Gospel Experience, umcimbi wedili lomculo wowokholo wokubonga unyaka, nokukhulekela ukuthi unyaka omusha une nezibusiso nezinto ezinhle ebantwini.
Lokho kuhlaluke esithangamini sabezindaba ebesiseLitttle Havana, eMhlanga, ngoLwesine, lapho kwethulwe khona lo mcimbi ozoba se-ICC, eThekwini ngoDisemba 31.
Ewethula ngokusemthethweni, uMbambo owusomabhizinisi owaziwayo eThekwini, uthe inhloso yalo mcimbi wukuvuselela uthando nokubaluleka kwezenkolo ebantwini nasemphakathini.
“Uyindlela yokuhlangana, sibonge uNkulunkulu ngakho konke okuhle asenzele khona, bese sikhuleleka ukuthi ukuqala konyaka omusha kuthele izithelo empilweni yethu,” kusho uMbambo.
Eqhuba, uthe kulo mcimbi akuzukuba yidili lomculo kuphela, kepha kuzoba nabefundisi bamahlelo ezinkonzo ahlukene abawu-300 abazongena mahhala kuwona, futhi ingxenye yabo izothola ithuba lokuvuselela abantu ngentshumayelo.
UDkt Lindelani Mkhize, ongomunye wabanikazi beqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration, nayo ezobe inandisa kulo mcimbi, ushayele uMbambo ihlombe ngokuhlela lo mcimbi, athe uzosiza ukubuyisela umculo wokholo ezingeni eliwufanele.
“Ngiyazibophezela ukuthi sizobamba iqhaza ukuwenza ube yimpumelelo ngokuthi sihambele izindawo ezahlukene sino-Ayanda Ntanzi, sihlwaye ikhono labantu abaculayo, abazoba yiMayine Choir futhi bacule bukhoma kuwona,” kusho uMkhize.
Amanye amaciko azonandisa kwiMayine woBenjamin Dube, Lebo Sekgobela, Dr Tumi, Lusanda Beja, Dumi Mkokstad, Sindi Ntombela, Timothy Myeni, Mpumi Mtsweni, Jumbo, Andile KaMajola, Team Ntencane, Xolly Mncwango, Hlengiwe Mhlaba, Oncemore Six, Takie Ndou, Xolisa Kwinana, Archbishop Vusi Gama, Trust In Christ noRebecca Malope.
Amathikithi awo aseyatholakala eWebtickets nasePick n’ Pay ngoR350 kuya kuR500 i-general, R1 000 i-VIP noR1 500 i-VVIP.