UHLOSIWE "DJ Hlo" Mthalane, owaqopha umlando ngokuba wuDJ wokuqala wesifazane onengoma eyahlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM, ubona ikhono lakhe livunywa kakhulu kwamanye amazwe kunaseNingizimu Afrika.
UDJ Hlo ukhulume kanje emuva kokuqokwa ukuba amele iNingizimu Afrika, emcimbini azoshiyelana inkundla namaciko adumile ngoDisemba 3, eWizzy Man Restaurant, eNamibia Wolves Bay.
Uzosuka eNamibia, alibangise kumaZikomo Africa Awards ngoDisemba 15, eZambia, njengoba eqokwe emkhakheni weBest Female DJ. Ngonyaka ozayo uzolibangisa e-USA, lapho kulindeleke ukuba ashiyelane inkundla nezihlabani zomculo zamanye amazwe.
UDJ Hlo uthe ujabule kakhulu ngokuthola ingqayizivele yethuba lokuyonandisa kwamanye amazwe.
Uphawule kanje:"Ngikholelwa ukuthi ukuya kwami kula mazwe ase-Afrika, kuzovulela noDJ besifazane ikakhulu balapha KwaZulu-Natal, amathuba okuthi nabo baphume."
Uqhube wathi okumjabulisayo ukuthi umculo wama-piano uzosabalala umhlaba wonke ngoba kuvuleka amathuba okuthi ayothokozisa abathandi bomculo baphesheya kwezilwandle.
"Kuyinto enkulu kimi ukwazi ukuthi ikhono lami selaziwa ngamazwe angaphandle, akugcini ngokuthi laziwe lapha eNingizimu Afrika, kodwa njengoba sengiqokwa nasemiqhudelwaneni yezindondo zasemazweni angaphandle,“ kubeka uDJ Hlo, ngokudlondlobala komsebenzi wakhe.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Hlo ukhiphe ingoma entsha ngoLwesihlanu, nanethemba lokuthi ingase ibalwe namanoni azobe ejuxuzisa abathandi bobumnandi ngamaholidi kaDisemba, esihloko sithi Visa.