Imvamisa abaculi batabalasa isikhathi eside ngaphambi kokuba badume endimeni yomculo kodwa umfana waseZwelibomvu, ocula ama-piano, kumthathe imizuzu embalwa evele ezinkundleni zokuxhumana waba yisilomo.
USipho Mbonambi (17), ozibiza ngo"Mfana kaGogo", uthathe amehlo abaningi ngekhono lakhe eqala nje ukuvela ezinkundleni zokuxhumana ngesonto elidlule, abaculi bakuleli abadumile babe sebemthinta ngapha nangapha becela ukuhlangana naye. Abanye abazange bananaze ukufaka izicelo zokusebenza naye.
Ngokusho kwemenenja yakhe, uMafutha, ukuthola uMfana kaGogo akuzange kube lula. Kwamthatha amasonto amabili ukumthungatha, wagcina etholile kubo endaweni esemakhaya eTafelkop, eZwelibomvu, ngaseMariannhill.
“Ngaziwa njengomuntu osiza abantu abasha ukuthi baziwe ezintweni abazenzayo. Besekukaningi abantu bengincenga ukuba ngisize uMfana Kagogo kodwa bengamazi ukuthi uhlalaphi. Ngabe sengiphuma, ngiyomfuna," kusho uMafutha.
Uthe esemtholile wafaka i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokuzwa amanzi ngobhoko.
Uthe ngemuva kwemizuzu eyishumi eyifakile wathola inqwaba yabantu bebuza ukuthi uzoqopha nini. Uthi akujabulela kakhulu wukuthola imiyalezo kubaculi bakuleli, uCassper Nyovest, amaRude Boys, uGold Max weDistruction Boyz, uVetkoek vs Mahoota nabanye befuna ukuxhumana naye.
Uthe wathi esabheke isasasa loMfana kaGogo ezinkundleni zokuxhumana ngengoma azibhalele yona ngobunzima abaphila ngabo kubo, njengoba ekhuliswe wuninakhulu ngemali yempesheni nonina engasebenzi, wamtholela nezinkontileka ezimbili zokuqopha ezinkampanini zomculo, enye yazo ngeyaphesheya kwezilwandle athe basazicubungula ngaphambi kokusayina.
“Uyasithanda isikole. Uma sise-studio usuke ephethe izincwadi zakhe. Konke lapho eya khona isikhwama sakhe sezincwadi zesikole asisali. Uma ngizwa, nasesikoleni wenza kahle kakhulu. Ezinsukwini ezimbalwa nje evelile emphakathini, uqashwa ubuthaphuthaphu,” kusho uMafutha.
Abantu namanje basamangazwe yikhono lalo mfundi kaGrade 11, ofunda eFundinduku Secondary school.
Okubahlabe umxhwele kakhulu abantu yisigqi sakhe esicishe sifane nesikaMpura Mpura, umculi wama-piano waseSoweto osanda kudlula engozini yemoto ngenyanga edlule nabanye abaculi abayisihlanu okubalwa noKiller Kau ababehamba naye emotweni.
Abaningi bakufanise nokuvuka kukaMpura Mpura emathuneni, bethi indlela lo mfana acula ngayo nemiyalezo esemaculweni akhe ithi ayifane naleyo esemaculweni alesi sihlabani esingasekho.
NgoMgqibelo uMfana Kagogo ubenandisa endaweni yobumnandi, eYadini, eMlaza, lapho eshiye abantu bengawuvali umlomo.
Exoxa neSolezwe uMfana Kagogo, uthe namanje akakayikholwa indlela abantu abamemukele ngayo.
“Eyadini bekuyindawo engiyizwa ngendaba. Ukuyocula khona kuyinto engingasoze ngayikhohlwa.
“Bengithi kusazongithatha isikhathi eside ukuthi abantu bazi ngami. iphupho lakhe wukwenza imali eningi ukuze ezokwakhela umndeni wakubo umuzi ohloniphekile.
“Ugogo ungixhase kakhulu. Akazange angilahle, ngisho ngicela imali yokwenza izinto ezihlangene nomculo. Ubethintitha amaphakethe, akhiphe imali yokugcina ukuze ngihambe," kuphetha yena